UBONA besasethubeni lokuphendula amatafula ekhaya uma sebebhekene neWydad Athletic emlenzeni wesibili wamanqamu e-African Football League, umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, nakuba behlulwe ngo 2-1 emlenzeni wokuqala.
IWydad ihambe phambili ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala eStade Mohammed V eCasablanca, ngesikhathi uRivaldo Coetzee elikhomba enethini langakubo ibhola.
ISundowns ithole igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-74 ngephenathi eshawe ngu-Abdelmounaim Boutouil, iqembu lasekhaya libuye lathola igoli lesibili ngeshodi lika-Anas Serrhat, ngemuva kwemizuzu embalwa.
UMokwena ukholwa wukuthi bakwenzile okuningi abebekuhlosile, ikakhulu ngesiwombe sesibili futhi ubona kukuningi okuhle okuzobasiza uma sebedlalela ekhaya.
Umdlalo womlenze wesibili ungeSonto ngo-3 ntambama, eLoftus Versfeld.
“Ngicabanga ukuthi esiwombeni sokuqala besingaphansi kwengcindezi kodwa besikwazi ukuyilawula. Angikhumbuli sibanika amathuba amaningi kodwa bakwazile ukusivula, umkhonto waze wagwaza ekhaya. Kudingeke senze izinguquko ezimbili ngesikhathi sekhefu sabe sesidlala kangcono. Kufanele ngibabongele abadlali bami ngesibindi abasikhombise emdlalweni, ikakhulu esiwombeni sesibili,” kusho uMokwena.
“Sizikhandle kakhulu, salwela ukuthola igoli ekuhambeni. Sibafake ingcindezi ngaphambi kokuthi sithole iphenathi sathola cishe amakhona amathathu noma amane. Sibe sesenza amaphutha sabavumela ukuthi bashaye igoli lesibili.
“Okwamanje kufanele sigxile ezintweni ezinhle esizibonile. Okokuqala okuhle wukuthi sikhombise ukuqina, salwa kanzima neqembu elisezingeni eliphezulu enkundleni ebigcwele phama futhi inomsindo. Sishaye igoli elizobaluleka kakhulu kithina uma sesidlalela ekhaya ePitoli.”
Umphumela womlenze wokuqala usho ukuthi aMaSandawana kumele ashaye okungenani igoli elilodwa ekhaya futhi angayivumeli iWydad ukuthi ithole igoli.
Ozonqoba uzoba yiqembu lokuqala ukunqoba lo mqhudelwano omusha. UMokwena uthe bekuvele kuyinhloso yabo ukuthi banqobe ekhaya.
“Noma ngabe sithole umphumela onjani emlenzeni wokuqala besivele sihlose ukuthi sinqobe ekhaya. Sisazodlulisa umlayezo ofanayo kubadlali. Sizobona ukuthi yini esingayenza ngokuhlukile emlenzeni wesibili,” uqhube kanje uRhulani.
“Kumele senze isiqiniseko sokuthi abadlali bayaphumula siphinde siqinisekise ukuthi bayakuqonda ukuthi umdlalo awukapheli. Sisazodlala umlenze wesibili, sisenemizuzu engu-90 futhi sizokwenza okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi singompetha ekupheleni kosuku.”
UMokwena uphinde waphawula ngendlela abalandeli beWydad abamhloniphe ngayo ngesikhathi bemculela bemshayela nezandla, nokuyinto athe ubengayilindele.
“Ingithokozisile indlela abalandeli beWydad abangemukele ngayo enkundleni yabo. Kungimangazile ngempela ukwamukelwa kanjalo. Ukubabona beshaya izandla becula, bekhombisa ukungihlonipha yinto engiyamukele ngokukhulu ukuzithoba nokubonga,” uphethe kanje.