ONGUMDLALI wasesiswini nokaputeni weRoyal AM, uKabelo Mahlasela uthi bafuna ukuyithela othulini i-Orlando Pirates abazodlala nayo okokuqala eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu koweDStv Premiership kusasa ngo-3 ntambama.
IRoyal AM okuyisizini yayo yesithathu idlala esigabeni sePremiership kulandela ukuthenga isitifiketi seBloemfontein Celtic ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2021/22, imidlalo yayo yasekhaya beyiyidlalela eChatsworth Stadium eThekwini.
Ngaphambi kokuqala kwale sizini ibe seyithola igunya lokusebenzisa iHarry Gwala Stadium ebisetshenziswa iMaritzburg United ngaphambi kokudliwa yizembe ngesizini edlule.
I-AM ebalwa namaqembu angaqhelile esishozini sezembe, iza kulo mdlalo ibhala iyacisha emidlalweni yakamuva yePremiership.
Iyobhekana nePirates ethelwe ngezibonkolo kulezi zinsuku nebalwa namaqembu ashabashekela ukuzibekisela indawo emiqhudelwaneni yeConfederation of African Football (Caf) ngokuphela kwale sizini.
“Umdlalo wethu nePirates uzobanzima ngempela ngoba ubaluleke kuwona womabili amaqembu ngezizathu ezahlukene.
“IPirates ilwela ukukhuphukela endaweni yesibili kwi-log, ekubeni thina ngapha silwela ukusuka kule ndawo engeyinhle esikuyona njengamanje kwi-log.
“Ngikholwa wukuthi lo ngumdlalo ozoba namagoli ngoba iPirates kulezi zinsuku iyawashaya kanti nathi sifuna ukuwashaya. Abalandeli ngikholwa wukuthi bazobuka umdlalo ohlabahlosile,” kusho uMahlasela.
Uthe bazobe bedlala okokuqala nePirates enkundleni yabo yasekhaya iHarry Gwala, ngakho-ke bazimisele ukuyinqoba iPirates kule nkundla yabo entsha yasekhaya.
Ngasekuqaleni kwesizini emzuliswaneni wokuqala, eZimnyama yizona ezanqoba ngokubhuquzisa iThwihli Thwahla ngo 4-2 e-Orlando Stadium ngo-Agasti.
Ziza kulo mdlalo nje azigayelwa mphako kulandela ukuvulela isibhaxu sika 7-1 kwiLamontville Golden Arrows.
Aziamanga lapho zilandelise ngesinye isibhaxu eqenjini laKwaZulu-Natal, AmaZulu eziwanqobe ngo 4-2 kuma-quarterfinal eNedbank Cup, ziwaphindile ngo-1-0 koweligi ngeledlule.
Ngakolunye uhlangothi ezikaJohn Maduka emidlalweni yazo emithathu yakamuva yeligi zibuye namaphuzu amane.
Zishaywe yiStellenbosch FC ngo 3-0, kolandelayo zavuka ngePolokwane City ziyixebula ngo 3-0.
Ngeledlule zibambane ngo 1-1 neGolden Arrows kowabakhaya baseKZN.