OMUNYE wabaqeqeshi beLamontville Golden Arrows, uMabhuti Khenyeza, ukholwa wukuthi ikhono labo lokukwazi ukugcina iningi labadlali abebegijima ngabo ngesizini edlule, lizobasebenzela kule sizini eqalalayo.
UKhenyeza oqeqesha iGolden Arrows, ngokubambisana noVusumuzi Vilakazi, usho kanjena nje leli qembu lihanjelwe ngumdlali oyedwa kuphela okunguPule Mmodi ojoyine iKazier Chiefs, kwathi ababili uNtako Makhubela noDivine Lunga babuyela kwi-Orlando Pirates, neMamelodi Sundowns ngokwehlukana, okungamaqembu abebebolekwe kuwona ngesizini edlule.
Isayinise abahlanu, okungumdlali wasemuva uBradley Cross osuka kwiMaritzburg United, abagadli uNhlanhla Zwane, noLungelo Nguse abasuka kwi-University of Pretoria, abadlali basesiswini abahlaselayo u-Angelo Van Rooi, no-Olwethu Ncube bobabili abasuka kwiHungry Lions, nomdlali wasophondweni lwesokudla uTeboho Motloung osuka kwi-Tshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM).
“Kusisizile ukugcina kwethu iningi labadlali ebesidlala ngabo ngesizini edlule ngoba emidlalweni yethu eyisishiyagalombili yokugcina isizini isiyophela iqembu lethu beselikhombisa okukhulu ukuhlangana.
“Ngakho-ke ukuqala kwethu isizini ngalesi sikwati esidlale ngaso ngesizini edlule kubukeka kuzosisebenzela, ngoba sebeyazana kakhulu abadlali bethu sebeyayiqonda indlela yethu yokudlala,” kuchaza uKhenyeza.
IGolden Arrows okwale kancane ingene kwiTop 8, iqeda endaweni yesishiyagalolunye kwi-log ngesizini edlule, ivula isizini ka-2023/24 yeDStv Premiership namuhla ngo-3 ntambama, ngokutholana phezulu neMoroka Swallows, eMpumalanga Stadium, eHammarsdale.
Ebuzwa uKhenyeza ngomthelela wokuthuthela kwabo eMpumalanga Stadium, uthe: “Kuyinselelo enkulu futhi kuyisibopho sethu ukuthi sidlale ngendlela ezokwenza abathandi bebhola bakuleya ndawo (eMpumalanga) baphume ngobuningi ukuzobuka imidlalo yethu yasekhaya.
“Cishe kwagcina ngeThanda Royal Zulu (engasekho) ukuthi kube neqembu lePSL elidlalela imidlalo yalo yasekhaya kuleya nkundla yaseMpumalanga.”
“Ngeke sizikhathaze ngeSwallows nomqeqeshi wayo uSteve (Komphela), kodwa esizozikhathaza ngakho wukuthi iqembu lethu lidlala kanjani enkundleni, nokuthi amaqhinga namasu ethu asebenza kanjani.
“Siyawazi amaqhinga akhe okuqeqesha, ngakho ngicabanga ukuthi nguyena ozokhathazeka ngathi ukuthi sizomqhamukela namaphi amaqhinga kulo mdlalo.”