ISIQONGQWANE sasemuva kwiRoyal AM, uThabo Matlaba, sithi bazolwela ukubuya nawo ephelele amaphuzu emdlalweni wabo weDStv Premiership abazowudlala nePolokwane City ngaphambi “kwekhefu” elingase liphazamise umgqigqo wabo.
I-Royal AM izotholana phezulu nePolokwane City emdlalweni weDStv Premiership, e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane, namuhla ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama.
Lokhu sekukhomba ukuthi emuva komdlalo wanamuhla weligi, i-AM isiyoze ibuyele ensimini ngo-Okthoba 29 kowePremiership, eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville.
“Ngemuva kokulahlekelwa kwethu ngamaphuzu sishaywa yiSekhukhune (United) emdlalweni wethu esigcine ukuwudlala, lokho kusho ukuthi kuzofanele nakanjani silwele ukubuya newini kulo mdlalo wethu esiyowudlala nePolokwane, yize sazi ukuthi kuzoba ngumdlalo ongelula.
Ukunqoba kwethu imidlalo emibili kulandelana okulandelwe wukudlala ngokulingana neChiefs (Kaizer) kulenyusile izinga lokuzethemba kubadlali, ikakhulukazi abasebancane okuyibona esibatheke kakhulu kule sizini.
Ngakho-ke kubalulekile kithi ukuthi silwele ukugcina lo mgqigqo ebesesikuwona, okuyingakho sizokulwela ukubuya namaphuzu kulo mdlalo esiyowudlala nePolokwane,” kusho uMatlaba.
“Okukhathazayo yikho ukuthi umdlalo wethu obekumele siwudlale neSundowns ngoLwesibili usuhlehlisiwe. Lokhu kuzowuphazamisa umgqigqo wethu ngoba cabanga nje ukuthi siyoze sidlale ngo-Okthoba 29 neSupersport. Ayikho into esingayenza ngoba ebholeni kunezimo ongeke ukwazi ukuzilawula.”
UMatlaba, oseyinkunzi emidwayidwa, ungomunye wabadlali abambalwa abanamava i-AM egabe ngamava abo kule sizini, njengoba isavaliwe ekusayiniseni abadlali kuze kube iyikhokha yonke imali eyikweleta owayengumdlali wayo, uSamir Nurkovic, ngokomyalelo weFifa.
Emidlalweni emine egcine ukuyidlala, iThwihli Thwahla inqobe imidlalo emibili ilandelana ishaya iTS Galaxy neChippa United, yabambana ngo 0-0 neKaizer Chiefs, ngaphambi kokubuyiselwa kwamhlaba yiSekhukhune United ishaywa ngo 1-0.
Imidlalo yeDStv Premiership:
Namuhla ngo-3pm:
Cape Town City v Cape Town Spurs (Cape Town Stadium)
Ngo-5.30pm:
Polokwane City v Royal AM (Old Peter Mokaba Stadium)
Kusasa ngo-3.30pm:
TS Galaxy v Richards Bay FC (Mbombela Stadium)