UKUNQOBA kwe-England ngembudlu ka-4-0 kwi-Ukraine kowokugcina wama-quarterfinal e-Euro 2020 esingena kuvuthondaba, kuthwese leli qembu, likaGareth Southgate, omkhulu umthwalo ngoba abalandeli abasabhekile okunye, ngaphandle kokudla isicoco.
I-England ibe yiqembu lesine ukuhlanganisa eyandulela eyamanqamu alo mqhudelwano. Ibhudluze i-Ukraine ngamagoli amabili kakaputeni uHarry Kane, elikaHarry Maguire nelikaJordan Henderson.
Lokhu kunqoba kwe-England kuqinisekisa ukuthi phakathi kwayo, i-Italy, Spain neDenmark umpetha omusha uzophuma kubona.
Yomibili le midlalo eyandulela eyamanqamu izodlalelwa eWembly Stadium, eLondon, namhlanje nangoLwesithathu.
Kuyaziwa ukuthi uma i-England ike yanqoba imidlalo embalwa emqhudelwaneni, abalandeli bayo bavele babone ukuthi sebesidlile isicoco.
Njengoba inqobe kahle kwi-Ukraine, akungatshazwa ukuthi abalandeli sebebheke ukuthi sifezekiswe isiqubulo sabo esithi “It’s Coming Home”.
Imidlalo eyandulela eyamanqamu kanjalo nowamanqamu izodlalelwa eWembley. Lokhu kusho ukuthi angeke akuthole ukuphumulaa uSouthgate uma i-England (enesicoco seNdebe yoMhlaba yango-1966 kuphela emlandweni) ingagcina ngokuphuthwa yilesi sicoco.
Kuzoqala owe-Italy neSpain ngo-9 ebusuku kulo deda ngendlale wenkundla. Kuzobe kungokwesine kulandelana emlandweni we-Euro noma koweNdebe yoMhlaba ukuthi i-Italy ibhekane neSpain. Emibili badlale ngokulingana, kwemibili kwanqoba iSpain.
Nakwi-Uefa Nations Cup la mazwe aqhathwe kowandulela owamanqamu ngasekupheleni konyaka.
Kwi-England neDenmark (ngoLwesithathu ngo-9 ebusuku), umlando uthi bagcina ukuhlangana kwi-Euro ka-1992 kweyamaqoqo lapho badlala khona kwaba u-0-0.
Sekungumlando ukuthi iDenmark yawunqoba lowo mqhudelwano kade inganikwe lutho. Ngemuva kweminyaka engu-10 kwenzeke lokho, i-England yanqoba ngo-3-0 kwiDenmark koweNdebe yoMhlaba. Muva nje, bahlangene kwi-Uefa Nations League umdlalo waphela lingekho elivuma ukugoba uphondo eCopanhagen, ngoSepthemba ka-2020.
Kusemqoka nokho ukuqaphela ukuthi umdlalo wokugcina wala maqembu esizwe ubuseWembley ngo-Okthoba ka-2020 lapho kunqobe khona iDenmark ngo-1-0 wephenathi kaChristian Eriksen.
Isiyonke eyandulela owamanqamu e-Euro imi kanje:
Namhlanje: Spain v Italy (Wembley Stadium, 9pm).
NgoLwesithathu: England v Denmark (Wembley Stadium, 9pm).