UKAPUTENI weBafana Bafana, uRonwen Williams, ukhulekela ukuthi izinhlanhla zangonyaka odlule ziqhubeke nokuhlala kubona emdlalweni kaGroup C wokuhlungela iNdebe yoMhlaba neBenin namuhla ngo-6 ntambama, eStade Felix Houphouet-Boingy, ese-Ivory Coast.
UWilliams ukusho lokhu esithangamini nabezindaba abehleli kusona nomqeqeshi wakhe, uHugo Broos, obefuthelana ngenxa yokutshelwa ngemizuzu yokugcina ngokushintsha kwezinhlelo.
IBafana itshelwe izolo ukuthi ngeke ikwazi ukuziqeqesha enkundleni ezodlalela kuyona yize kuwumthetho weFifa ukuthi inegunya lokuzelula okungenani ihora ngaphambi kokudlala.
Akwenzekanga lokhu ngoba abanikazi benkundla i-Ivory Coast ibinowayo khona izolo kule nkundla okwenze iBafana yangalithola ithuba.
“Uma ngingase ngeqiwe isithangami nabezindaba ngingahlawuliswa ngoba kuthiwa umthetho kodwa laba abayibhalayo imithetho bayahluleka ukuwumela kithina njengoba singeke silithole ithuba lokuziqeqesha enkundleni,” kusho uBroos.
“Akumnandi lokhu kodwa ngeke sikuvumele ukuthi kusiphazamise ezinhlelweni zethu zokuqoqa amaphuzu amathathu esazi kahle ukuthi azocacisa indlela yethu ebheke e-USA, Mexico naseCanada ngonyaka ozayo."
Obekukitaza uWilliams ngokubuyeka kule nkundla wukuthi yilapho iBafana iqophe khona umlando ithola indondo yethusi kwi-Afcon ebise-Ivory Coast ngasekuqaleni konyaka odlule.
Umdlalo useStade Houphouet-Boingy e-Abijan okuyilapho iBafana ihlule khona iDemocratic Republic of Congo (DRC) ngo 6-5 kumaphenathi emuva kokuthi umdlalo uphele zibambene ngo 0-0.
“Kunomuzwa wokuzethemba ohlukile ngenxa yokubuyela kule nkundla ngoba kulapho saqopha khona umlando sazakhela nesithunzi okufanele sisisebenzise nakanjani kwiBenin,” kusho uWilliams.
Kungenxa yalo mphumela iBafana ithole indondo yethusi kwi-Afcon, kwayibuyisela nesithunzi ebholeni lase-Afrika ngemuva kwendlala yeminyaka engu-24.
Inkundla eseCotonou, eBenin, okufanele ngabe iBenin iyidlalela kuyona eyasekhaya ayikho esimweni esamukelekile kwiCaf nakwiFifa yize kungakapheli neminyaka emibili ilungiswe ngezigidi.
Akumhleli kahle lokhu umqeqeshi weBenin uGernot Rohr otshele abezindaba ngeledlule ngesikhathi eseThekwini ukuthi indaba yenkundla ingase ibaphazamise kanti banalo ithuba lokuqeda eqhulwini kuGroup C.
Ngemuva kokubambana neZimbabwe ngo 2-2 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngeledlule uRohr uthe akangabazi ukuthi banawo amava okuguqisa iBafana.
“Irekhodi lethu lihle kweyokuhlunga, ngakho-ke sinesibopho sokuqhubeka nalokhu noma sesibhekene neNingizimu Afrika ethishwe ukuba izidlele amahlanga kithina,” kusho lo mqeqeshi odabuka kwelaseGermany.