UZOHLONISHWA ngomjaho wezinga eliphezulu uJoseph Shabalala ongasekho, ongumsunguli weqembu lesicathamiya, iLadysmith Black Mambazo esinqobe amaGrammy Awards amahlanu.
Umjaho uzokwaziwa ngeBhekizizwe Joseph Shabalala Marathon. Kukhona ne-half Marathon, 10km no-2km ozogijinywa yizingane ezineminyaka eyisithupha kuya kwewu-13. Kuzobuye kube nomjaho wabahambayo bengagijimi.
UVuyo Shabalala ongomunye wabahlela umjaho, utshele Isolezwe ukuthi banqume ukuthi ugijinywe ngoFebhuwari 11 ngonyaka ozayo.
Uthe umjaho omkhulu uzosukela eKirkintulloch Primary School okuyisikole esiseMbuzweni, okwafunda kuso uShabalala. Uzophela iLadysmith Indoor, edolobheni.
"Sinqume ukuthi iBJS Marathon siyenze ngoFebhuwari 11 okuwusuku okwashona ngalo ubaba uShabalala. Ngalolu suku kwaphinde kwaphuma ejele owaba wumengameli wokuqala ngaphansi kwentando yabantu, uNelson Rolihlahla Mandela. Ngamanye amazwi lolu suku lubaluleke kakhulu kubantu baseNingizimu Afrika. Sihlela ukuthi umjaho ube minyaka yonke. Esaphila ubaba bekuhlale kuyiphupho lakhe ukusungula umjaho ozobizwa ngaye. Sesiqede konke neKwaZulu-Natal Athletics. Lo mjaho uzogijinywa ngaphansi kweLadysmith AC," kubeka uVuyo.
Uveze ukuthi balindele abasubathi bezinga eliphezulu, kuhlanganisa nabangaphandle kwakuleli.
"Njengoba ubaba uShabalala ubeyiciko elaziwa umhlaba wonke, silindele ukuthi umjaho wakhe ungenelwe ngabantu bemikhakha eyahlukene. Isibonelo nje bakhona abaseMelika (United States of America) asebekuqinisekisile ukuthi bayeza. Namanje iLadysmith Black Mambazo isohambweni lwase-Europe. Iqale e-USA yase iya eBelgium. Njengamanje iseLondon, e-England. Kuwo wonke amakhonsathi ecula kuwo kulezi zindawo igqugquzela abantu ukuthi bahambele lo mjaho.
"Sinqume ukuthi kube wuZinhle Shabalala ozoba yinxusa lamjaho. Ungomunye wabasubathi bezinga eliphezulu esiziqhenya ngabo eMnambithi," kuqhuba uVuyo obonge uMasipala i-Alfred Duma ngokubaxhasa.
Uthe basahlela ukuthi imingenelo izoba yimalini ngokuhlukana kwamabanga.
"Sisabonisana nangokuthi izovulwa nini nokuthi abanqobile bazoklonyeliswa ngamalini. Engingakusho nje wukuthi izoconsisa amathe imiklomelo.“