Uthathe isinqumo sokuyeka ukungena emkhakheni wokushayela amaloli ngoba ebona izinto zimhambela kahle emahhashini omtelebhelo, uMelusi Gamede (30) odle unhlanganiso kwiDundee July Horse Race.
Emjahweni wosuku ushaye intambo eqhwakele uMbayimbayi okuyihhashi likayise, uZuthu Gamede waseMondlo.
Ukhale wemuka nesamba sika-R350 000. Le mali inyukile njengoba nyakenye bekuwinwa u-R300 000.
UMbayimbayi ofike kwezwakala kulolu hlobo lomjaho, ushiye u-Ebenezer olale isibili no-Eliya ophume kweyesithathu.
Akalibonanga elidlalayo u-Alpha & Omega waseMpumalanga, owayedle umhlanganiso nyekenye.
UMelusi utshele Isolezwe ukuthi ujabule kakhulu.
"Angazi ngingayichaza ngithini indlela engijabule ngayo. Selokhu ngaqala ukugibela amahhashi ngiyaqala ukunqoba isamba esingaka. Ngisazobagqilaza abantu ngeMbayimbayi eyadubula ezintabeni zaseMondlo. Ngizoyithengela ukudla nezimpahla kwezinga eliphezulu. Enye imali izosiza ekhaya iphinde ilekelele nami njengoba ngesizinhlelweni zokuganwa," kubeka uMelusi onezingane ezine.
Uveze ukuthi ezinyangeni ezedlule wenze uCode 14 Licence ngoba efuna ukushayela amaloli.
Uthe ukwenza kahle emahhashini kwenze washintsha umqondo.
"IDundee July iwumjaho wesikhombisa uMbayimbayi edlala umhlanganiso. NakwiKing Cetshwayo Horse Racing ngizomuka naso isamba sika-R300 000. Uyabona-ke ukuthi kuyaphileka ngamahhashi. Sekuyibhizinisi langempela, ngigqugquzela intsha yakithi ukuthi ingene kulo mkhakha. Eyokushayela amaloli mhlawumbe ngizobuye ngiyibone.“
Umqhudelwano waseKing Cetshwayo uzoba ngoMgqibelo, eMpangeni Airfield.
Kulo nyaka kugqame ukuhleleka kwenziwa kwezinto eziningi kwiDundee July.
Nengqephu obekukhangiswa ngayo inconywe kakhulu ngabasiki bezinga eliphezulu, okubalwa uMakhosi Ntshangase weSistas Felas noGugu Ngema weGugu Mobile Boutique.
Kuphinde kwabonakala nokwanda kwezinkampani ebezizokhangisa imikhiqizo yazo.
Nesimo sezulu sibaxolele abantu njengoba besifudumele. Lo mjaho bewuhanjelwe nawuNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThami Ntuli, ongazange awuvale umlomo ngokuhleleka kwawo.
"Lokhu okwenzeka eDundee kuwukuqhubeka nezinhlelo zokuhambisa umnotho noguquko ezindaweni zasemakhaya nasemalokishini. Sifuna ukuqeda ukufudukela kwabantu emadolobheni. Kube intokozo ukubona omama nobaba bedayisa ngobuningi imikhiqizo yabo," ubeke kanje.
Inkulumo yakhe inanelwe imeya yaseNdumeni, uSiyabonga Ndlovu, ebonge kakhulu abantu ngokweseka umnotho waseNdumeni.
"Lo mjaho ulima indima enkulu emnothweni wakule ndawo naKwaZulu-Natal jikelele. Sicela izinkampani zitshale imali kuwo ukuze uzothuthuka kakhulu kunakuqala,“ kusho uNdlovu.