KUYAMKHUTHAZA ukudlula ezigabeni ezehlukene zokululama umdlali wasemuva weHollywoodbets Sharks namaBhokobhoko, u-Aphelele Fassi.
UFassi (27) ulimale eqakaleni ngesikhathi iSharks ibhekene neDHL Stomers emdlalweni we-United Rugby Championship ngoDisemba.
Kwenzeka lokhu nje ubesengumdlali omqoka kuleli qembu likaJohn Plumtree futhi ubeseziphendlele nendawo kwelesizwe eliphekwa nguRassie Erasmus ngenxa yefomu ayikhombise kusukela ngasekuqaleni konyaka odlule.
Nakuba kusazothatha isikhathi ukuthi abalandeli beSharks bambone enkundleni, ugculisekile ngendlela izinto ezenzeka ngayo.
"Ikhona inqubekela phambili. Kade ngivocavocwa ukuze kuqaqeke imisipha eqinile, iqakala likwazi ukunyakaza kakhudlwana. Luselude uhambo ngaphambi kokuba ngibuye kodwa ngijabule ngakho konke okwenzekayo,” kusho uFassi ekhuluma ekhasini leSharks kwiYouTube.
“Angazi ukuthi ngingawuchaza kanjani lo muzwa ngoba uma ungumdlali ufuna ukuzibona enkundleni, ulekelela iqembu. Ngeshwa lezi zinto ziyenzeka embhoxweni. Ngisalibuka iqembu, ngileseke ngisekhaya. Kusemqoka ukuthi ngiqhubeke nokuxhumana nalo noma ngisalimele ukuze ngingabuyi sengilahlekile.”
UFassi uthe akafuni kumqede amandla ukulimala esefomini enhle kakhulu kodwa uhlele ukuqhubeka lapho agcina khona uma esebuya.
“Okubaluleke kakhulu wukuthi ngilulame. Ngenza konke okumele ngikwenze ukuze ngibuye ngamandla. Ngiyazikhandla uma ngizilolonga yize ngisagxile kumamasela angaphezulu. Uma sesifikile isikhathi ngizobe sengiqala ukuqinisa amamasela asemilenzeni nalo iqakala.” uqhube kanje uFassi.
“Ngibhekile emuva ngayibona indlela ebengidlala ngayo. Ingijabulisile kodwa futhi kukhona lapho okumele ngithuthuke khona. Ngesikhathi ngilimala ngiqale ukubhala imicabango yami phansi, emibi nemihle, ukuze ngikwazi ukubhekana nayo ngendlela efanele kulolu hambo engikulona.”
ISharks izobuyela enkundleni ngoFebhuwari 15 isiyodudulana neVodacom Bulls emdlalweni we-URC eLoftus Versfeld, ePitoli.