I-Orlando Pirates iqhubekile nokunciphisa amathuba okuhlala embangweni wesicoco seligi ngesikhathi ibanjwa yiStellenbosch emdlalweni weBetway Premiership e-Athlone Stadium, eKapa, ngoLwesibili ebusuku.
Ukubuya nephuzu kweZimnyama kulo mdlalo ophele zibambene ngo 0-0 ekubeni iStellies ibingasaphelele, akubuzwa ukuthi kuletha ibohlololo ngaphambi komdlalo ezizowudlala neMamelodi Sundowns ngeSonto ntambama eFNB Stadium, eNasrec. IPirates ibinethuba lokwehlula iStellies ukuze ibhekane neSundowns, ezihola phambili kwi-log, lingashintshile igebe lamaphuzu. ISundowns iqhubekile nokunweba igebe lamaphuzu phakathi kwayo nePirates lafinyelela ku-18 kulandela ukwehlula AmaZulu ngo 2-0 eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville, ngoLwesibili ebusuku.
Ukunethezeka kweSundowns esicongweni kuqinisekiswe ngamagoli ashaywe nguPeter Shalulile no-Arthur Sales ngokwahlukana kweziwombe kulo mdlalo.
Womabili la maqembu, iPirates neSundowns, angene enkundleni ekuqonda kahle ukuthi uphawini wokuqhuzuka awanawo. Imbangela yalokhu ukuthi iPirates beyazi ukuthi izobhekana neSundowns ngeSonto nje, isele ngemidlalo emine futhi ukuzishayela amaBrazilians kungenza omkhulu umehluko embangweni wesicoco.
Lo mqondo kufanele ukuba ubusa nasekhempini yeSundowns kwazise ifike emdlalweni isuka ekulahleni amaphuzu kwiLamontville Golden Arrows ngeledlule.
Nezikimu eziqale umdlalo zikukhombisile lokhu ngoba bonke abadlali beSundowns abebesengcupheni yokweqiwa owangeSonto ngenxa yamakhadi, abazange bawuqale umdlalo.
NakwesePirates isikimu kuqapheleke okufanayo kwazise bekushintshwe abadlali abahlanu kwesiqale oweSuperSport United weNedbank Cup ngempelasonto edlule.
Njengoba bekulindelekile, iSundowns yakhe inqwaba yamathuba esiwombeni sokuqala kodwa yahluleka ukuwasebenzisa obekungasho nokho ukuthi AmaZulu abengafiki kuRonwen Williams obebuyile ezintini zeSundowns.
Yize iStellies ishodiswe ukukhishwa ngekhadi elibomvu esiwombeni sokuqala kukaBrian Onyango obesolwa ngokudlalisa kabi uTshegofatso Mabasa kodwa nase-Athlone kuyiwe ekhefini kuseyiqanda nhlangothi zombili.
Zisanda kubuya ekhefini uShalulile ubeke iSundowns ebuhleni kodwa zabuye zabambana kwazise Usuthu belulwa ngaphambi kokuqedwa amandla igoli likaSales.
Nakuba iPirates isalele ngemidlalo kodwa ukuhluleka kwayo ukubhobosa iStellenbosch esiwombeni sesibili kufanele ukuba kuyithene amandla.