USIZI unina kaSimiso "Gandaganda" Buthelezi ongumshayisibhakela ongasekho, ebalisa ngokuqaqamba kwenhliziyo ngenxa yokudlula emhlabeni kwendodana yakhe.
UButhelezi ushone ngoJuni ngemuva kokushayeka kabi ekhanda empini ayevikela kuyo ibhande le-WBF All Africa Lightweight kuSiphesihle Mntungwa, eGrayville, eThekwini.
Lo mshayisibhakela owayengowaseBilanyoni,eDumbe esifundeni iZululand, washonela esibhedlela eKing Edward VIII , eThekwini ngoJuni 7. Impi ayeyilwa yayiqhathwe iStarline Boxing Promotions kaZandile Malinga, ngoJuni 5.
Kwenzeke lo mshophi ekubeni ngoMeyi, uButhelezi wayekade ethola izicucu zeBSc Degree in Botany and Zoology, e-University of Zululand.
UMalinga utshele Isolezwe ukuthi ngoDisemba 18 bazokwenza indumezulu yomqhudelwano wesibhakela okuhloswe ngawo ukuhlonipha umufi nokulekelela umndeni wakhe ngenkece.
Uzoqala ngo-10, ekuseni, eCecil Emmett Hall, eVryheid kuMasipala Abaqulusi.
Kuthintwa unina kaSimiso, uSibongile uvele wasikhihla a isililo, ebalisa ngokuthi ulimele impilo yakhe yonke, ngeke aphinde abe ngcono.
"USimiso ubewumagcino wami. Le ndlu engihleli kuyo ngayakhelwa wuye ngemali yesibhakela engakasebenzi. Ubeyikho konke kimi. Ushone esefunde wagogoda ephoqwa isimo salapha ekhaya. Nsuku zonke sengiqhathanisa usizi. Abahleli balo mqhudelwano ngiyabanika isibusiso sokuwenza, yiko nje ukuthi ngilimele kakhulu. Ngizoya nakulezi zimpi," kubeka unina kaSimiso oveze ukuthi noyise walo mshayisibhakela akasekho emhlabeni.
UMalinga uthe izimpi zizonongwa ukuhanjelwa izinkakha zalo mdlalo uDingaan "The Rose of Soweto" Thobela owaba ngowesibili kuleli ukunqoba iWBC.
Omunye uFrancois "White Buffalo" Botha okunguyena yedwa kuleli owalwa noMike Tyson.
UMalinga echaza ngenhloso yokumema lezi zinkakha, uthe: "Kuzoba namagilavu azodayiswa azobe esayinwe ilezi zinkakha. Lowo ozobe eqeda ukuthenga uzothola uthuba lokungcweka noyedwa phakathi kukaThobela noBotha bese ethatha isithombe nabo. Kunegilavu lekhethelo elizofakwa endalini. Lizogcina lihambe nomuntu ozofaka imali eningi. Imali esizoyithola ngokudayisa la magilavu neyamathikithi kuzonikelwa ngayo emndenini wakwaButhelezi. Siyazi ukuthi akukho okungavala isikhala sikaGandaganda kodwa besingeke sihlale singenzi lutho, besimthanda.“
Ezimpini zosuku kuzobangwa izicoco ezintathu.
Kweyosuku uBongani Mahlangu uzovikela ibhande likazwelonke le-Junior Featherweight ku-Innocent "Tycoon" Mantengu.
Kweyesibili uThema Zuma uzobanga elakuleli le-Junior Bantamweight noBathabile Ziqubu.
Kweyesithathu, uMpendulo Gumede noNhlonipho Hlubi bazobanga elingaphethwe muntu le-KZN Featherweight.
Kukhona neyokungcweka yosondonzima ezoba imizuliswano eyisishiyagalombili, phakathi kukaJosh Pretorius noDidier Nywembwe waseDRC.
Lezi zimpi zizondlalelwa ezama-amesha.
Umcimbi uxhaswe nawuMnyango wezeMidlalo KwaZulu-Natal, uMasipala wesifunda iZululand nabangaphansi kwawo okungowaseDumbe nawasebaQulusini. Ithikithi labazohlala eduze kweringi libiza u-R200 bese kuthi elijwayelekile libe u-R100.