UZIZWA ebusisekile ngokuba nabasubathi abayisikhombisa kuma-Olympic Games, uSam Sepeng ophinde abe ngomunye wabaqeqeshi beqembu lesizwe labagijimi eliseParis, eFrance.
Eminyakeni edlule isibongo sakwaSepeng kuleli nasemhlabeni sadunyidwa, uHezekiel Sepeng owahlabanga ngendondo yesiliva ku-800m kuma-Olympic ayese-USA ngo-1996.
Manje kuzobe kubhekwe isandla sikamfowabo, uSam Sepeng, obalwa nabanye babaqeqeshi bezinga eliphezulu emabangeni aphakathi. Ngaphansi kwesitebela sakhe ushaya ngabasubathi ebenza ezibukwayo, ikakhulukazi kuwo u-800m.
Kwabakuleli kukhona intokazi, uPrudence Sekgodiso ozogijima kweyokuhlunga ku-800m namuhla, ngo-7.45 ebusuku.
Kukhona noTshepo Tshite ogijima namuhla ngo-11.05 ekuseni, ebangeni lika-1500m.
KwabaseBotswana, kunoTshepiso Masalela, Joseph Deng, Oratile Nowe, Tumo Nkape noKethlobogile Haingura. Bonke laba bagijima elika-800m.
Ubafisele inhlanhla bonke laba bagijimi uSepeng ngesikhathi ekhuluma neSolezwe eseParis.
"Iphutha engingeke ngilenze ngelokubafakela ingcindezi. Ngisebenze nabo isikhathi eside, bayakwazi okumele bakwenze eParis. Ngaso sonke isikhathi bahlale befuna ukuphuma phambili. Ngizizwa ngikhethekile ngokuqeqesha laba bagijimi. ITrack & field iyaqala ngoLwesihlanu, asithule sibheke, ngiyazi ngeke bangiphoxe," kubeka uSepeng.
Uveze ukuthi njengoba beseParis akanaso isikhathi esanele sokuba nalaba basubathi njengoba ephinde abe umqeqeshi weqembu lakuleli.
"Akungisebenzeli kangako ukuba nabasubathi bami eParis. Sengiwumqeqeshi weqembu lesizwe. Laba abangaphansi kwami ngigcina ngokubacija ngocingo. Okumele sikukhumbule ukuthi umsebenzi omningi siwenze sisasekhaya. Lapha sesithinta izindawo ezimbalwa. Kulesi sigaba esikuso uhlulwa lungakafiki usuku uma ungabanga namalungiselelo amahle.“
USepeng unxuse ukuthi bangabafakeli ingcindezi abadlali bakuleli .
"Siyazicelalela kubantu bakithi ukuthi basixhase ngakho konke. Ngaphandle kwabo asilutho. Siyizwe elibuye liswele izinsiza kudlala, ngeke sifane nanjengo-USA nezinye izikhondlakhondla. Isifiso sawo wonke umdlali waseNingizimu Afrika ukunqoba lapha eParis," kubeka uSepeng.
Uhlu lwabasubathi abazogijima kule mpelasonto:
Namuhla: Ngo1-11.05 am: Tshepo Tshite noRyan Mphahlele (men's heat).
Ngo-7.45 pm: Sekgodiso (women's heat 800m).
Ngo-9.20 pm: Adrian Wildschutt (10 000m men's, final).
Kusasa: Ngo-11.45 am: Akani Simbine, Benjamin Richardson noShaun Maswanganyi (100m men's, heat).
NgeSonto: Ngo-12.35 am: Zeney Geldenhuys noRogail Joseph (400m hurdles women's heat).
Ngo-7.05 pm: Lythe noZakithi Nene (400m men's heat).
++