UZOBHEKANA nolaka lweBoxing South Africa (BSA) umqeqeshi wesibhakela waseGauteng, uMichael Sediane, ongene eringini waxhimfa imbangi iqeda ukwehlula umshayisibhakela wakhe ngeSonto.
Lokhu kwenzeke ezimpini ebeziseBooysens Boxing Club, ebezihlelwe yiGauteng Boxing Promoters Association neBonglez Boxing Promotions. Kulezi zimpi uJeff Magagane wehlule uSithembiso Maduna oqeqeshwa nguSediane.
Akucaci ukuthi yini eholele ekutheni lo mqeqeshi agcine esemngena ngequpha uMagagane obesabhiyozela ukunqoba. Kwi-video esabalele uSediane ubonakala engena eringini emoyizela. UMagagane, obekade esesekhoneni likaMaduna, ubonakala sengathi kukhona akushoyo kuSediane, ophendule ngemvula yezibhakela.
Isikhulu esiphezulu seBSA, uNsikayezwe Sithole, sithe bawutholile umbiko ngokwenzeke eBooysens.
"Sizowucubungula umbiko. Emuva kwalokho sizodalula izinyathelo esizozithatha. Siphoxekile ngokwenzekile, ikakhulukazi njengoba sizama ngakho konke ukuphucula isibhakela eNingizimu Afrika. Lokhu okwenzekile akufanele sikuthathe kancane. Kufanele sithathe izinyathelo ngokushesha," kusho uSithole.
Kwenzeka lokhu nje, iBSA isanda kusayina isivumelwano nenhlangano yezokusakaza, iSABC, sokuveza izimpi emuva kweminyaka lokhu kungenzeki. Ngalokhu iSABC izama ukuheha abaxhasi esibhakeleni okuzoba nomthelela omuhle emalini ezotholwa ngabashayisibhakela nokukhulisa isibhakela esibukeka sishona phansi eMzansi.
USediane, obuye abe yimenenja yabashayisibhakela ngaphansi kwesitebele sakhe, i-African Child Events and Promotion, uthe uyazisola ngakwenzile.
"Ngiyibhalele neBSA ngicela uxolo ngendlela engiziphathe ngayo. Noma ngabe yini eshiwo nguMagagane kimina, bekungafanele ngenze lento engiyenzile. Ngiyaxolisa kwiBSA, SABC, ophromotha nakubalandeli besibhakela. Ngiyazi ukuthi iBSA isebenza kanzima ukubuyisela isibhakela eqophelweni eliphezulu. Ngixolisile nakumqeqeshi kaMagagane, u-Allan Toweel. Ngithathe isinqumo sokusuka ekhoneni kusukela manje. Ngizohamba amakilasi okulwa nokudinwa," kusho uSediane.
Imizamo yokuthola uMagagane ayiphumelelanga kwazise ucingo lwakhe beluvaliwe.