UMDLALI weHockey wasePinetown, uNqobile " Bili" Ntuli (28), ufuna ukusebenzisa isipiliyoni sakhe ukufaka uMzansi kuma-quarterfinals ama-Olympic Games aqhubekayo eParis, eFrance.
UNtuli, weHarvestehude egijima kwiMen's Bundesliga, Germany, ngomunye wabathwele amathemba eqembu lakuleli elicijwa nguCheslyn Gie aselidlalele emidlalweni engu-100. Uqale ukudlala kulo ngo-2016. Kungokwesithathu edlala kuma-Olympics.
EParis elakuleli, eliteketiswa ngamaStokke Stokke, liboshelwe ku-Pool A neNetherlands elizobhekana nayo namuhla ngo-12.45 emini.
Amanye yiGreat Britain elizodlala nayo kusasa (ngeSonto) ngo-8.15 ebusuku Germany, Spain neFrance. UNtuli ekhuluma naleli phephandaba eseFrance, uthe nakuba sibe sincane isikhathi kodwa amalungiselelo ama-Olympics ahambe kahle.
Uqhube wathi ukuba nemidlalo ewu-100 kumenza azethweswe ijoka lokuthi asize elakuleli ukuqeda kuma-quarterfinal.
"Nakuba bekhona abanye abadlali abanekhono eqenjini lethu kodwa ngibona kumele ngibhukule kakhulu kulokhu. Ngizibona kumele ngithathe indawo yokuba umholi. Sekuphele isikhathi eside ngidlala eqenjini lesizwe. Nakuba kunzima, ngizolwa ngakho konke enginakho ukuthi okungenani siqede kuma-quarterfinal. Sesifikile isikhathi sokuthi elakuleli lenze kahle kulo mqhudelwano," kubeka le nsizwa eyaqala lo mdlalo eThomas More College eKloof, lapho kufundisa khona unina.
UNtuli uthe okwenza kube nzima ukudlala iHockey ukuthi kayixhasiwe njengamaqembu afana namaBlitzboks namanye. Uqhube wathi lokhu kwenza kube nzima kakhulu entsheni empisholo.
“Kungcono lapha kuma-Olympics ngoba izindleko zikhokhelwe yiSascoc. Uma siyodlala kweminye imiqhudelwano siphoqeleka ukufaka isandla ephaketheni. EThomas More naseKearsney College ngasizwa wumfundaze. I-hockey umdlalo omnandi. Ngiyajabula ukubona sanda isibalo sentsha yakithi kuwo. Inkinga yikho ukuthi awuxhasiwe,” kusho uNtuli.
Kuma-Olympics uNtuli uyibambe nomfowabo, uSiphesihle, oyiphini lomqeqeshi. Uqale ukudlalela elesizwe kusukela ku-Under 16, 18, 19 naku-Under-21. Ubedlala kwiDrakensberg Dragon ngaphambi kokuthi ngo-2019 aye kwiHarvestehude. Ngo-2017 nango-2022 wanqoba nelakuleli inkomishi, iMen's Hockey Africa Cup of Nations. Ngo-2018 wadlala kwiMen's Hockey World Cup nakumaCommonwealth Games.