Inhlangano iComrades Marathon Association (CMA) imemezele uMqondisi Ngcobo njengosihlalo webhodi entsha.
UNgcobo ubuyiselwa kulesi sikhundla nje, wasilaxaza ezinyangeni ezedlule ngenxa yezinkinga ebezigubezele iCMA. Uqokwe izolo emuva kwezinsuku kuvotelwe ibhodi entsha ngesonto eledlule kwiComrades Marathon Association Annual General Meeting (AGM) eMngungundlovu. Iphini likaNgcobo nguMark Leathers. Amanye amalunga ayisihlanu ebhodi yeCMA nguWillie Mtolo oyinkakha yezokusubatha, Brenda Marolen, Carel Nolte, Rory Steyn, no-Alan David Gray. La malunga kuzokwengezwa ngawo kwamadala okungu-Isaac Ngwenya, Nontuthuko Mashimane, James Moloi (Athletics South Africa) noSteve Mkasi (KwaZulu-Natal Athletics). Nakuba amanye amalunga ezosebenza iminyaka emibili kodwa uSteyn noGrey banikezwe owodwa kuphela.
Phakathi kwezingqinamba eziholele ekuhlakazekeni kwebhodi endala yeCMA, kukhona ukwehluleka ukuphatha nezinsolo zobuhlanga ezilandelwe wuphenyo. Inselelo ebhekene nebhodi entsha wukuletha uzizo ikakhulukazi njengoba eseqalile amalungiselelo omjaho wangonyaza ozayo.