UBADONSE ngendlebe abadlali, wabayalela ukuthi babuyisele iqembu lakhe kwiDStv Premiership, uSifiso "Jomo" Biyela ongusihlalo weRichards Bay, ezobhekana ne-University of Pretoria, namuhla, ngo-3 ntambama, kowamaPSL Promotion Play-Offs, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
INatal Rich Boys iphonseke kule midlalo yokuhlunga ngenxa yokusonga imidlalo yeDStv Premiership ka-2023/24 isendaweni yesi-15. Izembe ligcine ligojele iCape Town Spurs ebingomakoti kule ligi. KwiMotsepe Foundation Championship, ompetha kube iMagesi.
AmaTuks neBaroka bawele kweyokuhlunga ngenxa yokulala kweyesibili nakweyesithathu kwiChampionship.
Kuyiwa eMlaza, amaTuks acijwa uTlisane Motaung, esenamaphuzu amathathu kulandela ukushaya iBaroka ngo 1-0 emdlalweni wokuvula obungeSonto.
Lokhu kusho ukuthi iBay kuzomele izibambe ziqine, ingavumeli leli qembu lasePitoli liqhubeke nokwandisa amaphuzu kulo mbango.
Kuyinto eyaziwayo ukuthi kumaPSL Promotional Play-Offs kwenzeka izimanga. Ngesizini edlule, iMaritzburg United ayilibonanga elidlalayo njengoba igcine idliwe izembe kade iqede endaweni ka-15 esigabeni esikhulu njengoba umhlanganiso wadliwa yiSpurs.
UBiyela uthe ahambe kahle amalungiselelo omdlalo wamaTuks.
"Bobawu-22 baphila saka (abadlali). Sibophele inqanawe yesikwati. Ngibadonse ngendlebe ukuthi ngifuna umdlalo wokugcina siye kuwo sesibuyelile kwiDStv Premiership. Angifuni sizithole sesishaya izibalo. Kumele sizilwele thina. Angithandi sithembele kwamanye amaqembu. Lokhu kusho ukuthi kumele siqale ngokushaya wona amaTuks. Kumele siye koweBaroka sinamaphuzu amathathu," kubeka uBiyela izolo ezwakala ekhululekile.
Ucele bonke abalandeli bebhola baKwaZulu-Natal babaseke. Uveze ukuthi bazokhipha amabhasi amathathu abalandeli baseKing Cetshwayo azolibhekisa eKing Zwelithini ukuyohlangana nabanye.
Uma iBay iqeda owanamuhla, ngoMgqibelo izonikela eGlobal Stadium, ePolokwane ukuyobhekana neBaroka.
NgoJuni 15, izophindana ne-University of Pretoria, eTuks Stadium.
Owokugcina izowudlala neBaroka khona eMlaza. UBiyela uthe uma bebuya ePolokwane bazozinza eGoli ukulungiselela owamaTuks.
“Ukubuyela ekhaya uma siqeda oweBaroka kuzosiphazamisa ezintweni eziningi. Sizozinza eGoli ukuze sithole isikhathi esanele sokulungiselela amaTuks. Nakule midlalo emibili esekuhambeni sizophelezelwa amabhasi.”