UBHUNU Mthalane, ongumqeqeshi kaDumisani " Young Lion" Majola, uqagula ukuthi esikhathini esingengakanani lo mshayisibhakela waseMzinyathi, eThekwini, uzobe ephethe ibhande likazwelonke kwi-Flyweight.
Ngenyanga edlule emqhudelwaneni obuhlelwe yi-Uhuru Boxing Promotions, ngokuhlanganyela neHlula Dladla Boxing Promotions, uMajola waphenduka isilomo kubalandeli. Wayelwa noSanele Mhlungu ocijwa ngaphansi kweSibongile Boxing Gym, eDundee.
Bekuyimpi yokuqala kaMajola esibhakeleni esikhokhelayo. Kanti noMthalane bekungeyokuqala esekhoneni lempi yesibhakela esikhokhelayo.
Waziwa kakhulu ekuqeqesheni esibhakeleni sama-amesha. UMhlungu wayelwa impi yesine ezingeni elikhokhelayo.
Wonke umuntu wayezitshela ukuthi uMhlungu uzozenzela kodwa kwangaba njalo empini eyeyihlelelwe imizuliswano emine. Emizuliswaneni emibili yokuqala kwakubonakala sengathi uMhlungu uzonqoba kalula. Kapha kowesithathu nakowesine, uMajola wavuka emaqandeni, wakhipha izibhakela ezagcina zimthela phansi uMhlungu.
Amajaji athi laba bashayisibhakela balwe ngokulingana.
Ngenxa yesibhakela esinenkosi phakathi esatshengiswa ngamabhokisa womabili, impi yawo yavotelwa njengemnandi kunazo zonke.
UBhunu uthe ngemuva kwempi eyayiseMooi River, uMajola uselinyuse kakhulu izinga lokulwa ejimini.
"Noma ngingeke ngande kakhulu, ngoDisemba, uMajola angase abuyele eringini. Inhloso yami ukuthi athole izimpi eziningi ukuze angene ezilinganisweni zeBSA. Uyosho ukuthi ngakutshela! Maduze lo mfana uzobe engumpetha kazwelonke. EMooi River, ikhona likaMhlungu lalizitshela ukuthi lizozenzela njengoba kwakungokokuqala silwa kwesikhokhelayo. Lalifuna ukusiphendula isitebhisi nokho lashweba. Okumsiza kakhulu uMajola ukuthi unesipiliyoni sokulwa isikhathi eside kuma-amesha," kubeka uBhunu.
Uqhube wathi esibhekeleni esikhokhelayo uzele ukuzokhiqiza ompetha. Umqeqeshi uphuma emndenini wesibhakela odabuka eMpendle, kepha osuzinze eLindelani.
UngumfowabokaMoruti "Babyface" Mthalane, oseke waphatha amabhande omhlaba okubalwa i-IBF kwi-Flyweight. Omunye ngu-Innocent owayesatshiswa okwenyoka kwi-Featherweight futhi wake waliphatha ibhande likazwelonke kulesi sigaba.
Abanye uThokozani noSihle. Bonke baphuma ngaphansi kwesandla sikababa wabo, uMichael Mthalane, owayengomunye wabaqeqeshi besibhakela bezinga eliphezulu kuleli.
UBhunu oqeqeshela amabhokisa eLindelani, uveze ukuthi ngemuva kwempi kaMajola usejoyinwe amabhokisa ayisithupha esibhakela esikhokhelayo kanti bakhona nabasayibamba kuma-amesha.
"Kula mabhokisa kunelibizwa ngoBobo. Ubehlala emgwaqweni futhi edla nezidakamizwa. Akashayi, wumhlola! Uyiyeke yonke imikhuba emibi. Maduze uzonyukela esigabeni esikhokhelayo. Ngiwubonga kakhulu umphakathi waseLindelani, ngokweseka lo mfana nami uqobo. Kungisizile ukuba ne-diploma yeYouth Development, ngiyakwazi ukusebenza nentsha," kusonga uBhunu.