UBONGE uNkosikhona "Pitbull" Mhlakwana nomqeqeshi wakhe, uProdigal Khumalo, ngokuba nonyaka omuhle kwezokusubatha uMakwande Mngcwengi (29) ogijimela eHollywoodbets AC.
Emasontweni edlule, le nsizwa yakuQumbu, e-Eastern Cape, yenze kahle ilala indawo yesihlanu kwiTswelopelo Kaapsehoop 3 in 1 Marathon ngesikhathi esiwu-2:21.06. Kweminye ilale eyesishiyagalombili kwiRS Chatsworth Ultra 52km Marathon (3:28.31), eyesibili kwiCapital City 21km Marathon (1:10.29) nakwiKearsney Striders Half Marathon (1:12.16).
Iphinde yagijima kahle kwiComrades Marathon yenza isikhathi esingu-6:20. Nakuba bekuyiComrades yayo yokuqala kwenyukwa kodwa ibiyigijima okwesithathu. UMngcwengi noMhlakwana naye okwiHollywoodbets AC, baqeqeshwa ndawonye wuqweqwe uProdigal Khumalo owabavumbulula ngaphansi kwe-Orcas Running Academy eminyakeni edlule. Utshele Isolezwe ukuthi ngaphandle kukaKhumalo noMhlakwana ngabe akekho kuleli zinga asekulo.
"Laba bakhathule indima enkulu empumelelweni yami kwezokusubatha. Ngafika kwi-Orcas Running Academy ngingazi lutho. Namanje sisayibambile. Ngenxa yabo namhlanje sengithathwa njengomunye wabasubathi abahlonishwayo ekilabhini yami, iHollywoodbets AC," kubeka uMngcwengi oveze ukuthi usekhempini ezogcina ekupheleni kukaDisemba.
Udalule nokuthi ngonyaka ozayo uzobuyela kwiComrades ezokwehlela eThekwini, ngoJuni 8.
"Kuzoba yiComrades yami yesithathu uma kwehliwa. Inhloso yami wukwenza isikhathi esingcono kunengagcina ngisenze nyakenye (05:53) kwehliwa. Nakuba luselude ukhalo kodwa kuningi esengikufundile ngeComrades. Ngithemba ukuthi ngizokwenza kahle. Ngaphandle kwayo ngifuna ukwenza kahle nakweminye imijaho. Ngifuna ikilabhu yami iziqhenye ngami. Yingakho namanje ngingeke ngibe noKhisimusi," kuqhuba lo mgijimi.
Uthe nakuba esazohlala phansi nabaphathi bakhe kodwa ngonyaka ozayo ufisa ukugijima owodwa umjaho phakathi kweTwo Oceans Marathon, Cape Town Marathon neSoweto Marathon.