UZIMISELE ukulivikela kabili ibhande le-KZN Mini Flyweight bese ecela inselelo elikazwelonke uSanele "Theo" Mhlungu oshaye uSibonelo "Sbotjooh" Maseko ngempelasonto, eCity Hall, eMgungundlovu.
Kule mpi yebhande ebelingaphethwe ngumuntu, uMhlungu unqobe ngomcacamezelo womlalisa phansi emzuliswaneni wesine.
Beyiyingxenye yomqhudelwano obuhlelwe ngokuhlanganyela yiMvelo Boxing Promotions neHle-Jobe Boxing Promotions.
Kube wubutatata kwabosizo oluphuthumayo, bakwa-Mi7 Security Group, bexilonga uMaseko obekubonakala ukuthi uphelelwe umoya. Bobabili laba bashayisibhekala baye kule mpi behlise izisindo, besuka kwi-Flyweight behlikela kwi-Mini Flyweight.
Kubukeka kuyiko okushaye kakhulu uMaseko ocijwa uDubai Nkosi noSilindile Khumalo.
Uqala umzuliswano wokuqala womabili amabhokisa atshengisile ukuthi lesi sicoco ayasifuna. Nokho kusheshe kwacaca ukuthi uMhlungu ojima eSibongile Boxing Gym, eDundee, uphezulu ngamandla.
Imihlokolozo yakhe beyimihle, ekhipha nodalimede bezibhakela.
UMhlungu ocijwa uMtuseni Ntuli noNkosinathi Thusi, ubonge wanconcoza kubahleli bale mpi, uHlengiwe Dladla weHle-Jobe nakuMvelo Magcaba - Shezi weMvelo Promotions, ngokumnika leli thuba.
"Kungathi ngiyaphupha. Lo wumphumela wokusebenza kanzima. Nakuba ngisazohlala phansi nabaphathi bami kodwa vese besivumelene ngokuthi uma konke kuhamba ngononina maduze ngizolwela ibhande likazwelonke," kubeka uMhlungu.
UHlengiwe weHle-Jobe udalule ukuthi njengoba sekudlule lo mqhudelwano bazoqala amalungiselelo okuqhatha uThabiso " The Rock" Mchunu.
"Siyazi ukuthi uThabiso uzoba matasa nezimpi zeWBC kodwa nathi kukhona esimhlelela kona. Kusukela manje asisafuni ukuzithambisa, sifuna ukungena ohlwini lwabaqhathi abenza kahle eNingizimu Afrika," kubeka uHlengiwe.
Ufakazelwe uNomvelo, odalule ukuthi bafuna ukuqhatha uThabiso empini yebhande le-IBO kwiCruiserweight.
"Ukubambisana nosisi uHlengiwe kungitshengisile ukuthi akukho okungahlula imbokodo uma ibambisene," kubeka uNomvelo ngamafuphi.
Ngaphandle kweCity Hall bekungathi umbukiso, bekugcwele izinhlobonhlobo zezimoto zenkampani yonogada bakwaMi7 Security Group. Ibuye ishaye ngama-ambulensi.
UTyrone John oyisikhulu sezokumaketha kule nkampani utshele leli phephandaba ukuthi bagezeke igilo ngezinga lalo mqhudelwano. Uphinde waqinisekisa ngokuthi sebezohlale beyixhasa imiqhudelwano yesibhakela.
"Engikubone namhlanje ngeke ngiphinde ngikukhohlwe. UHlengiwe nonoMvelo basazisile ukuthi maphakathi nonyaka bazophinde benze omunye umqhudelwano.
“Sizobaxhasa nakuwo. sijabule kakhulu siyinkampani ethanda ukubona intsha ifeza amaphupho ayo," kubeka uJohn.