UMSHAYISIBHAKELA waKwaZulu-Natal, uKhanyisani Mbokazi, ubalisa ngenselelo yokubhulela amazolo iqhawe leNingizimu Afrika, uMoruti "Babyface" Mthalane, eseliwaphanyeka emgibeni amagilavu.
UMbokazi waseNembe, eMandeni, uzovikela ibhande leKZN Junior lightweight kuBrandon Naude ezimpini ezihlelwe yiMvelo Boxing Promotions kaNomvelo Magcaba-Shezi eMaritzburg City Hall ngeSonto.
Le mpi ingenye yeziyisikhombisa ezizofudumeza inkundla ngaphambi kwebhekwe ngabomvu ephakathi kukaMthalane waseMpendle noDiomel Diocas wasePhilippines. UMthalane, obengumpetha we-IBF ne-IBO flyweight, umemezele ukuthi useyawayeka amankomane ezinyangeni ezedlule.
Wathi ufisa ukuzolwa impi yokugcina ekhaya, phambi kwabalandeli besibhakela baseKZN. Inhloso yakhe wukubonga indlela abameseke ngayo kuyona yonke le minyaka. UMthalane, obalwa nabashayisibhakela abaqavile eNingizimu Afrika, ubekade ezinze eGauteng.
"Kuyinselelo enkulu ukuvulela uMthalane ngenxa yezinga akulona esibhakeleni. Yikho ngisebenza kanzima ejimini ukuze ngingaphoxi abantu abazobe bezobukela nabaxhasi abazobe bekhona nabafisa ukuxhasa isibhakela. Kuningi engikufunde kuMoruti. Bezingangiphuthi izimpi zakhe noma kuthiwa ulwa phesheya kwezilwandle," kusho uMbokazi.
Ezimpini eziyisikhombisa azilwile uMbokazi, usawine ezimbili kuphela okubalwa kuzona eyebhande laseKZN. Uzobuyela eringini noNaude awine kuyena ibhande ngasekuqaleni konyaka. Ngemuva kokuwina ibhande laseKZN, uMbokazi ukhale ngaphansi kuCaytin Truter eGauteng ngoJuni.
"Ngibona kuzoba lula kulokhu. Ngaphambi kwempi yethu yokuqala abantu bakhulume kakhulu bengitshela ngobungozi bakhe nokuthi ngeke ngidlule emizuliswaneni emine. Kulokhu ukuzethemba kukhona kimina. Babethi uNaude unamandla kodwa angiwezwanga sengibhekene naye eringini. Kulokhu akekho okhulumayo," kusho uMbokazi.
Zizobe zimi kanje izimpi:
Flyweight International Bout 10 Round: Moruti Mthalane (SA) v Diomel Diocas (Philippines).
Junior Bantam weight WBF Tittle 10 Round: Gcina Makhoba (KZN) v Musawenkosi Ndwandwa (KZN).
Junior Lightweight KZN Tittle 10 Round: Brandon Naude (KZN) v Khanyisani Mbokazi (KZN).
Junior Feather 6 Round: Mduduzi Mzimela (KZN) v Romeo Makwakwa (Malawi).
Super Middle Weight 6 Round: Andile Mntungwa (KZN) v Jackson Masamba (DRC).
Bantamweight 4 Round: Ntethelelo Magcaba (KZN) v Sphelele Dubazane (KZN).
Middleweight 4 Round: Ntsako Mayimba (kzn) v Trinity Mhlongo (KZN).
Super middleweight weight (female) 4 Round: Noxolo Mkhasibe (KZN) v Wendy Gcadu (KZN).