UMGIJIMI wakuleli, uPrecious Mashele usewabeke EThekwini wonke amathemba akhe okuthi limsize ekuqwaleni intaba yokwenza isikhathi esizomfaka kumaWorld Athletics Championships, ango-Agasti 19-27, eBudapest, eHungary.
UMashele oqeqeshwa uHendrick Ramaala, nyakenye utshele Isolezwe ukuthi kumaWorld Champs alo nyaka uzoshintsha ibanga, agijime elika-10 000m.
Ngo-2021 kuma-Olympic Games, eTokyo, eJapan nakumaWorld Champs abese-USA nyakenye, ubegijima elika-5000m. Ngasekupheleni kuka-2022 iWorld Athletics ikhiphe uhlu lwezikhathi okumele zenziwe ngabasubathi kumabanga ehlukene uma befuna ukuya eHungary. Isikhalo sikhulu ngalezi zikhathi.
Iningi labasubathi likhala ngokuthi zenziwe zaba nzima uma kuqhathaniswa nezaseMelika.
Isibonelo, kwezabesilisa, ku-10 000, ngonyaka odlule abasubathi bekumele benze esiwu-27:28.00. Kulo nyaka sekumele benze esiwu-27:10.00.
Ku-100m nyakenye bekuwu-10.05, manje seku-10.00. Ku-200m, bekuwu-20.24, kulo nyala u-20.16. Kwi-marathon nyakenye bekuwu-2:11.30, kwesaseBudapest kudingeka u-2:09.40.
Nakwabesifazane kukhalwa esifanayo,insimbi iyashisa.
Nenyamazane yaseMelika engeyokuzalwa eKenya, uPaul Chelimo, ucashunwe kwiTwitter ekhalaza ngalokhu kuqiniswa kwezikhathi.
"Lezi zikhathi ziwumsangano. Imijaho ka-10 000m imbalwa, akekho nozimisele ukwenza eka-10km. Abasubathi bazowenza kanjani u-27:00? Ngenzeni ngikuqonde lokhu. Imijaho ye-track iya ngokufa. Yenzani abasubathi babe yingxenye yezinqumo," uChelimo ubhale kanje.
NoMashele ukhale esifanayo.
"Ayi impela kuzoba nzima kakhulu ukuya kumaWorld Champs alo nyaka. Kazi lesi sinqumo sokuqinisa izikhathi ngale ndlela sithathwe ngoba kwenze njani. Akusasizi ukukhala, kuzomele umuntu azame ngakho konke," kubeka uMashele.
Ebuzwa ukuthi iqhinga lakhe lithini, uthe: "Ezinsukwini ezimbalwa sizokhuluma ne-ASA (Athletics South Africa) ukuthi isitholele inqwaba yemijaho eThekwini. Iyindawo enesimo esihle sezulu nokuhlale kumnandi ukugijima kuyo. Selingisize kakhulu iTheku, nakulo nyaka ngithembele kulo.“
Lo msubathi uveze ukuthi akabanga nawo uKhisimusi ngenxa yokulungiselela amaWorld Athletics Cross-Country, angoFebhuwari 18, eBathurst, e-Austria.
Kumabanga amaningi ukwenziwa kwezikhathi zaseHungary kuqale ngoJulayi 31 wanyakenye, kuvalwa ngoJulayi 30 nonyaka.