UMDLALI wasesiswini kwiKaizer Chiefs, uThabo Cele, ukholwa wukuthi babadinga kakhulu kunakuqala abalandeli baleli qembu njengoba izinto zingabahambeli kahle ukuze bakwazi ukubuyisa izinsuku zenjabulo kubona.
UCele (28) osephenduke isilomo kubalandeli beChiefs ayijoyine ngoJanuwari, ngomunye wabadlali abamqoka leli qembu elizothembela kubona ekwenzeni izinto zenzeke emdlalweni weBetway Premiership elizowudlala neLamontville Golden Arrows, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Amakhosi okungawahambeli kahle emidlalweni yakamuva yePremiership, aya kulo mdlalo nje asazikhotha amanxeba kulandela ukubhuquziswa yiRichards Bay FC ngo 2-0 ngaphambi kwekhefu leFifa. Lokhu akwehlanga kahle kubalandeli baMakhosi asebeqala ukukungabaza ukuthi umqeqeshi, uNasreddine Nabi, uzosiqeda isomiso seminyaka.
“Abalandeli abasakudingi ukukhuluma kwethu manje kodwa okuyikhona asebefuna ukukubona yizenzo enkundleni. Ngakho naphezu kwalesi sikhathi esinzima esisabhekene naso okwamanje, siyabadinga ngoba ngaphandle kwabo kungaba nzima kakhulu kithina. Kzomele singene enkundleni senze umsebenzi, sibakhombise ukuthi siyabadinga ngempela,” kusho uCele, odabuka KwaMashu, eThekwini.
Le njini ejoyine Amakhosi isuka eqenjini laseRussia, i-FK Fakel, isifike yalenza elayo ijezi kuleli qembu laseNaturena ngokushaya into ecokeme.
I-Arrows eshaye Amakhosi ngo 1-0 emzuliswaneni wokuqala wale sizini khona eMabhida, seyiqeqeshwa nguManqoba Mngqithi okhuze ibuya emuva kweminyaka engaphezulu kweyishumi eqeqesha iMamelodi Sundowns. Ngaphansi kobuholi bukaMngqithi, Abafana Bes'thende badlale ngokulingana neSundowns, bahlula iPolokwane City ngaphambi kokuthola isibhaxu kwiMagesi.
Ephawula ngobungozi bokubhekana naBafana Bes’thende, uCele uzwakalise ukubahlonipha yize ekuqonda ukubaluleka kokubuya kwabo namaphuzu kulo mdlalo abayowudlala nabo.
“IGolden Arrows ihlale iyiqembu okunzima ukubhekana nalo, ikakhulukazi manje njengoba isinezinguquko (ethimbeni labaqeqeshi). Emidlalweni yayo engisayibukile iya ngokuya ikhombisa ukuba yiqembu elidlala kangcono nelikwazi ukugcina ibhola. Lokho kuyenza ibe yingozi ekufakeni ibhola ezikhaleni,"kusho uCele.
Amakhosi asendaweni yesishiyagalombili kwi-log yePremiership ngamaphuzu angu-29 emidlalweni engu-22. Asemshikashikeni wokulwela ukugwema okuwehlele ngesizini edlule okuwukwehluleka ukuqeda kwi-Top 8. Ngaphezu kwalokho, asenethuba lokuzabalazela ukuqeda endaweni yesithathu kwi-log yePremiership ngenhloso yokuzibekisela indawo kwiCaf Confederation Cup ngesizini ezayo.