UTUSE uyise ngokuba yidlozi elihle umpetha webhande le-SA Flyweight nele-ABU All Africa, uNkosingiphile "Prince" Sibisi, ezilokhu zimhambele kahle izinto njengoba ephinde waqokelwa kumaKZN Sports Awards.
Umcimbi ohlelwa wuMnyango wezeMidlalo esifundaweni, wokuklomelisa abaphumelele uzoba ngoNovemba 2, e-ICC, eThekwini.
USibisi (23) ongowaseGlencoe, eDundee, uqokelwe emunxeni we-Sports Personality of the Year. Ngokokuvotelwa, unikezwe unombolo 2.
Uqhathwe noSithabile Mnyandu ongumdlali we-table tennis yabakhubazekile (5), Eben Etzebeth odlala umbhoxo (1), Jenet Mbhele ongumsubathi (3) noKeshav Maharaji wekhilikithi (4).
Kuvotwa ngokuthumela umqhafazo obhalwa ukuthi KZN Sports bese ulandelisa ngenombolo yomdlali omvotelayo enombolweni ethi: 33258. Umqhafazo ubiza u-R150. Kuvalwa ngo-11.59 ebusuku ngoNovemba 1.
USibisi oqeqeshwa uMtuseni Dube noNkosinathi Thusi ejimini eyaziwa ngokuthi i-Emgodini Boxing Gym, eDundee, ukusho wangakufihla ukuthi lo nyaka bekufana nokuthi ngowakhe.
NgoMashi, ujabulise abathandi bezamankomane enqoba ibhande le-SA Flyweight, eshaya uTrevor Nghonyama.
NgoJulayi, uphinde waziveza ukuthi uyingqwele kulesi sisindo elivikela okokuqala kumakadebona, uTheo Nxayiphi wase-Eastern Cape.
Uqokelwa kulo munxa nje, vele igama lakhe liwundaba mlonyeni. Emqhudelwaneni obuseDundee emasontweni edlule, uphinde wanqoba isicoco se-ABU All Africa, kuKassim Mfaume waseTanzania.
Lo mshayisibhakela uthe konke akwenzayo ufuna uyise, uThulani Percival Sibisi, aziqhenye ngaye lapho ekhona.
Uveze ukuthi wadlula emhlabeni ngo-2008. Nakuba lo mshayisibhakela engathandanga ukwanda ngemininingwane yomndeni wakhe kodwa uveze ukuthi useseli yedwa.
"Nakuba ubaba adlula emhlabeni ngisemncane kodwa angisoze ngalukhohlwa uthando lwakhe. Nakuba wayefuna ukuthi ngidlale ibhola kodwa wayehlale esho ukuthi ngizoba into enkulu kwezemidlalo. Ngiyambonga ngokunginakekela nakuba engasekho, uyidlozi elihle kimi," kubeka uSibisi.
Uqhube wathi: "Angizange ngiphatheke kabi nyakenye ngesikhathi nginganqobi kumaKZN Sports Awards. Kulokhu ngithandazela ukuthi ngidle ubhedu nakuba ngazi ukuthi ngiqhathwe nezingqungqulu. Ngicela bonke abathandi besibhakela kuleli bangivotele ngobuningi babo. Le ndondo kuzoba eyethu sonke."
USibisi ubonge nakwiHlula Dladla Promotions neHle-Jobe Boxing Promotions, Hlula Dladla Promotions, abaqeqeshi nakozakwabo ngokumeseka.