UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, ubona uzoba ngohlukile umdlalo abazowudlala neMarumo Gallants koweNedbank Cup kusasa ntambama, e-Orlando Stadium, eSoweto.
IPirates izotholana phezulu neGallants kowandulela owamanqamu eNedbank Cup, kusasa ngo-3 ntambama.
Iza kulo mdlalo nje, isanda kudlulela kowandulela owamanqamu eCaf Champions League kulandela ukubambana ngo 0-0 ne-MC Alger yase-Algeria, ngoLwesithathu, kowomlenze wesibili, njengoba yayinqoba ngo 1-0 kowomlenze wokuqala.
EZimnyama ezivikela isicoco seNedbank, zizobhekana neGallants eyazithela isibhaxu sika 2-0 koweBetway Premiership ngoMashi 1, eFree State Stadium, eBloemfontein.
Kulo mdlalo uRiveiro wayehleli ezihlweleni njengoba ayedonsa isigwebo samakhadi aphuzi, ebhentshini kuhlezi iphini lakhe uMandla Ncikazi.
Ngakolunye uhlangothi, kwakungumdlalo wokuqala ehlezi ebhentshini u-Abdeslam Ouaddou, owayesanda kuvala isikhala sikaDan Malesela.
“Uhlukile umdlalo wangeSonto (kusasa), kuzoba ngumdlalo wemiphumela futhi izoba mibili kuphela imiphumela yalo mdlalo, ukunqoba nokuhlulwa," kusho uRiveiro.
"Lo mdlalo yiwona indlela yokufinyelela kowanqamu ngakho-ke udinga ukuthi womabili amaqembu awuhlelele ngendlela efanele. Sinamava ehlukile kulo mqhudelwano (weNedbank). Sidinga ukuzilungiselela ngokushesha ukubhekana nalo mdlalo ngesikhathi esifushane, senze okusemandleni ukuwunqoba sifinyelele kowamanqamu."
Lo mqeqeshi odabuka eSpain ube esekuveza ukuthi amava okudlala kwiChampions League asebacijele eminye imiqhudelwano okubalwa wona lo weNedbank abasabambe iqhaza kuwo.
“Ukudlala kwethu emqhudelwaneni wezwekazi sikuthathe njengenye yezindlela zokucija nokuzikala ngokwezinga. Emidlalweni engu-14 esisayidlalile kulo mqhudelwano (weChampions League) singenelwe ngamagoli amane kuphela," uqhube kanje.
"Lokho kusho lukhulu ngezinga esilikhombisayo kulo mqhudelwano, ngakho sizosebenzisa lokho kuzethemba nakweminye imiqhudelwano. Nakwi-Nedbank Cup sizodlala ngendlela efanayo, ngoba yonke imiqhudelwano esiyidlalayo kule sizini isenza sibe yiqembu elingcono.”
EZimnyama sezinqobe iNedbank Cup amasizini amabili elandelana. Zibhekene nenselelo yokubhala kabusha umlando walo mqhudelwano ngokuba yiqembu lokuqala ukuwunqoba amasizini amathathu elandelana.