LIFUNGA liyagomela ibhokisa lesifazane laseMgungundlovu, uMapule "Thunder" Ngubane (36), ukuthi luzosongwa usuku lwangoLwesihlanu seliliphethe ngesandla ithikithi lokulwela ibhande le-IBF World Middleweight.
Le ntokazi ise-Melbourne, e-Australia, ukuyobhekana no- Desley Robinson (36) wakhona kweyebhande elingaphethwe muntu le-IBF Inter-Continental Middleweight.
Le mpi ifana neyandulela eyamanqamu njengoba ozonqoba uzothola ithuba lokulwa no-Claressa Shields wase-USA oyingqwele ye-IBF World Middleweight.
UClaressa ufaniswa nendlovukazi yalo mdlalo njengoba kuso lesi sisindo ubuye aphathe i-WBC, WBF ne-WBO World.
Kwi-Heavyweight uphinde abe umpetha wayo i-WBC ne-WBF World.
Ushaya nangesicoco se-WBO World Light Heavyweight.
UMapule ukleliswe endaweni yokuqala ezilinganisweni ze-IBF Middleweight. UDesley ukweyesithathu.
Sekuhlanganiswe wonke amabhande kulesi sisindo, intokazi yaseMgungundlovu ikleliswe kweyesihlanu.
UMapule ubonge wanconcoza kwimenenja yakhe uBrad Norman we-13Sports Managament ngokumtholela le mpi.
Uthe ufike eMelbourne, ngoMsombuluko, ngenhloso yokuzijwayeza nesimo sezulu nokuqhubeka namalungiselelo.
Uthe umqeqeshi wakhe uSihle Mathenjwa, umjoyine izolo (ngoLwesithathu) kuleliya lizwe.
Uveze nokuthi namuhla (ngoLwesine) ntamabama nangoLwesihlanu ekuseni uzokalwa isisindo.
Le ntokazi ichaze uDesley njengebhokisa eliyingozi kodwa elididekayo uma lixinwa ngodalimede bezibhakela.
"Enye yezimpi eziqoshiwe engiyibukile ngabeyilwa no-Suchada Panich. Unqobe ngomngqimuzo womlalisa phansi. Engikuqaphelile ukuthi uDesley unezandla nezinyawo ezisheshayo. Nokho amandla akanawo, uyadideka uma umxina ngezibhekela," kuchaza uMapule.
Uqhube wathi banalo iqhinga lokushaya uDesley.
"Ngizoqhubeka lapho kugcine khona uSuchada, ngizolwisa okwendlavini. Asikho isidingo sesibhakela esiyingcwenga. Sekuphele isikhathi eside ngiphupha ngokulwela ibhande elihlonishwa umhlaba wonke. Ngeke ngivume uDesley ame endleleni yami. Angikugqizi qakala ukuthi uzobe elwela kwelakubo. Sizobe sisobabili eringini."
UMapule ugcine ukuba eringini ngoDisemba nyakenye, eshaya uRita Mrwebi kweye-SA Middleweight. Kumabhande omhlaba, ushaywe kwe-WBF nakweye-Commonwealth Boxing Council Super Welterweight.
Usanqobe eziwu-13, wahlulwa kweziyisishiyagalombili, walwa ngokulingana kwezintathu.
Okuyingozi ngesitha sakhe ukuthi sesike salilwela elinye lamabhande amane ahlonishwa umhlaba wonke. NgoDisemba sishaywe uLina Daniels waseNew Zealand, kubangwa ele-IBF World Lightweight. UDesley usanqobe eziyisikhombisa wahlulwa kwezintathu.