Ompetha base-Afrika, iBanyana Banyana, bazodlala imidlalo emibili yobungani nomakhelwane, iLesotho, eGoli ngasekupheleni kwale nyanga.
Leli qembu lesizwe lakuleli lebhola labesifazane lizobhekana neMehalalitoe ngoFebhuwari 22 nango-Febhuwari 25.
Umqeqeshi, uDesiree Ellis, uzosimemezela ngoLwesine isikwati esizohlangana ekhempini ezoqala ngoFebhuwari 17 iphele ngomhlaka-26.
Kuzobe kuyimidlalo yokuqala yeBanyana kulo nyaka selokhu igcine ngokuvakashela eJamaica ngoDisemba nyakenye, lapho inqotshwe khona ngo 3-0 nango 3-2.
Le midlalo emibili neLesotho iyingxenye yamalungiselelo eWomen’s Africa Cup of Nations (Wafcon) ezoba seMorocco ngoJulayi nonyaka.
Nakuba ingakaqali isizini entsha yeligi ephezulu kuleli, iHollywoodbets Super League, u-Ellis ubheke ukusebenzisa leli thuba ukuhlanganisa abadlali abanike amathuba ngonyaka odlule.
Le midlalo izodlalwa ngesikhathi sewindi leFifa elibekelwe ukudlalwa kweyamazwe ngamazwe. Lokhu kusho ukuthi kulindeleke ukuthi izihlabani zeBanyana ezidlala phesheya zikwazi ukubuya zizobhekana neLesotho.
IBanyana yagcina ukubhekana neLesotho ngoMashi ka-2020, yanqoba ngo 3-0 ngamagoli amabili kaRhoda Mulaudzi nelikaSibulele Holweni.
Iqembu lakuleli likleliswe endaweni ka-53 emhlabeni, kanti iLesotho isendaweni ka-176.