USEPHINDE wanikwa elinye ithuba kokuqhubeka nohambo lwakhe ebholeni lombhoxo umdlali wamaBhokobhoko, uSibusiso Nkosi, okuvela ukuthi usesayiniswe yiToyota Cheetahs.
Lo mdlali (28) ubengenalo iqembu selokhu adedelwa yiVodacom Bulls ngoJuni nyakenye.
Kwenzeka lokhu nje leli qembu lasePitoli lase limnike elinye ithuba kulandela ukunyamalala kwakhe ngasekupheleni kuka-2022. Lo mdlali akalubhadanga ejimini isikhathi esingamasonto amathathu, waze watholakala ezivalele kubo eMpumalanga.
Waphinde waphumela obala ngokubhekana nenkinga yengcindezi yomqondo.
ICheetahs ikuqinisekisile ukuthi uSbu Nkosi uzilolonga neqembu eBloemfontein, nokuthi ihlose ukumnikeza inkontileka yonyaka owodwa. Kuleli qembu uzodlala ngaphansi kowayenguzakwabo kumaBhokobhoko, uFrans Steyn, osengumqondisi wezombhoxo kwiCheetahs.
"USbu nomndeni wakhe sebefikile. Sibheke inkontileka yonyaka owodwa neCheetahs. Sizosebenza kahle naye ngenhloso yokumnika elinye ithuba empilweni," kusho oyisikhulu esiphezulu kwiCheetahs, uRoss van Reenen, exoxa nephephandaba iRapport.
“Ngikholwa wukuthi njengoba yena noFrans badlala ndawonye kumaBhokobhoko ngo-2019 uzokwazi ukumeluleka."
Nakuba uNkosi ubengekho eqenjini lamaBhokobhoko elivikele iNdebe yoMhlaba nyakenye, iminyaka yakhe isamvumela ukuba aphinde alwele ukuheha iso lomqeqeshi weqembu lesizwe, uRassie Erasmus. Lo mdlali wayeyingxenye yeqembu elanqoba lesi sicoco ngo-2019, eJapan.
AmaBhokobhoko azohlangana okokuqala kulo nyaka ekhempini ezoba seKapa ngesonto elizayo lapho kumenywe khona abadlali abangu-43, iningi labo elidlala kuleli.
Nakuba kukhona abadlali abafana noHacjivah Dayimani, Akker van der Merwe, Aphelele Fassi nabanye abagqamile emaqenjini abo kodwa abangabizwanga, umqeqeshi uRassie Erasmus, uthe lokho akusho ukuthi bazitshiwe.
“Kufanele sikhumbule ukuthi le ikhempu yokuqondanisa noma ukuhlanganisa okuthile. Akusho ukuthi laba ababiziwe yibo kuphela abazodlalela amaBhokobhoko kulo nyaka. Njengoba kuke kwenzeka phambilini, sinezinhloso ezithile ngekhempu ngayinye," uchaze kanje u-Erasmus ekhasini lakhe enkundleni yokuxhumama i-X.
Amabhokobhoko azobhekana neWales eTwickenham, eLondon, ngoJuni, ngaphambi kokuthi adlale ne-Ireland nePortugal ekhaya ngoJulayi.