KUVALWE ngehlahla emaqenjini akuleli abesasele kwiHeineken Champions Cup nakwi-EPCR Challenge njengoba wonke ethelwe ngenduku emidlalweni yama-quarterfinal alo mqhudelwano.
ICell C Sharks neDHL Stormers bebesayibambe kwiHeineken Cup kulandela ukukhishwa. ILions bese kuyithemba lokugcina kwi-EPCR Challenge Cup ngemuva kokuthi iToyota Cheetahs iwashiswe ijezi kwiLast 16 yalowo mqhudelwano.
ISharks ikhishwe yiToulouse ngo-54-20 eStade Ernest Wallon, eToulouse, ngoMgqibelo.
Iqembu laseFrance lishaye ama-try ayisikhombisa, ama-conversion amahlanu namaphenathi amabili, kwathi elaseThekwini lashaya ama-try amabili, ama-conversion amabili namaphenathi amabili.
Yize umphumela ukhombisa ukuthi iToulouse izigwazele ibhece, kuyiwe ekhefini ihamba phambili ngo-14-10 kanti maphakathi nesiwombe sesibili ibihamba phambili ngo-26-20.
Kwale kancane ukuthi iSharks ithole i-try yokulinganisa esiwombeni sesibili kodwa yaphikwa kusolwa ukuthi kube nephasi engavumelekile eshone phambili.
“Bekuthulekile ngesikhathi ngingena egunjini lokushintshela ngemuva komdlalo. Indumalo ibibhalwe ebusweni kubadlali. Besikhona kulo mdlalo kodwa kwabheda ekugcineni. Ngicabanga ukuthi konakale kwi-try ephikiwe ngoba ukuba ibaliwe besizokwazi ukuwubamba umdlalo,” kusho umqeqeshi weSharks, uNeil Powell.
“Abadlali bazamile kakhulu futhi balwile, bakhiphe konke enkundleni. Ngicabanga ukuthi okusenzele phansi ukwenza amaphutha amaningi nokuyinto eyinkinga esigabeni somkhumulajezi.”
I-DHL Stormers ishaywe yiqembu lase-England, i-Exeter Chiefs, ngo-42-17 kwi-quarter-final yeChampions Cup, kwathi iLions yaguqiswa yiGlasgow Warriors yaseScotland ngo-31-21 kwi-quarterfinal yeChallenge Cup.
Umdlalo olandelayo weSharks kuzoba ngowamaqoqo we-United Rugby Championship (URC) lapho izodudulana neBenetton yase-Italy ngoLwesihlanu ngo-6.30 ebusuku eHollywoodbets Kings Park.
Iqembu likaPowell lisendaweni yesishiyagalombili kwi-log ye-URC ngamaphuzu angu-41 emidlalweni engu-16. Lidinga ukuyinqoba yomibili imidlalo esele yamaqoqo ukuze libe sethubeni lokudlulela kuma-quarterfinal.