UBAMBE umoya uNgqongqoshe omusha woMnyango wezemiDlalo, ezobuCiko namaSiko, uMntomuhle Khawula ngoba ulinde ukuthi kuqaqeke isikhwama sokuthuthukisa umjaho wamahhashi wokutelebhela.
Izindaba uziveze ngesikhathi kwethulwa izinhlelo zomjaho, iDundee July, walo nyaka ozoba ngoJulayi 20, eNdumeni Horse Racing Track.
UKhawula uthe imali ibizwa ngeTransformation Fund, okuyimali yesikhwama uhulumeni ayidonsa ezinkampanini zokubhejela imijaho yamahhashi. Kuxhaswa ngayo izindawo ebezivimbekile ukuthi zithuthukise umdlalo wamahhashi phambilini.
UKhawula onezinsuku ezimbalwa engene esikhundleni, utshele abezindaba ukuthi isikhwama sivaliwe ngenxa yezizathu ezithile. Uthe nokho ulindele ukuthi uNdunankulu uThami Ntuli, asiqaqe ungakafiki uJulayi 20.
"Lesi sikhwama kukhona lapho sicashe khona. Nokho ngizokwenza konke okusemandleni ukuthi kufike usuku lo mjaho sesivuliwe. Sifuna ukuwubeka kwelinye izinga umjaho wokutelebhela,“ kubeka uKhawula.
Ugcizelele ukuthi usazoba uR300 000 umklomelo womnikazi wehhashi elizoshaya intambo emjahweni omkhulu kwiDundee July. Ujokhi uzothola i-R30 000.
UMenzi Buthelezi, ongusihlalo weKZN Traditional Racing and Breeding Association, uthe kungabe liphume nobomvu uma kungaqaqeka le nkence.
"Le mali izosiza ekutheni kwakhiwe izinkundla zomdlalo wokutelebhela zezinga elifanele. Izosisiza nasekutheni kudlalwe nyanga zonke, ojokhi bahole ekupheleni kwenyanga. Sifuna nokwakha nesikole salo mdlalo nokusungula uhlelo lokuzalana kwamahhashi ohlobo lwalo mdlalo," kubeka uButhelezi.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka odlule umhlanganiso wadliwa yihhashi laseMpumalanga, u-Apha & Omega owayegitshelwe nguLindani Dube, ongasekho emhlabeni. UButhelezi uthembise ukuthi kulo nyaka inkomishi izosala kulesi sifundazwe. Uthe bagabe ngamahhashi okukhona kuwona uMbayimbayi, Zamcolo, Barcelona, Mazondo, Nxakanxaka noTrouble Maker owaphuma isithathu nyakenye. Uveze ukuthi imijaho izoba u-11 futhi balindele amahhasi awu-290.
"Ngaphandle komjaho omkhulu, omunye ozobe ubhekwe ngabomvu oka-Under 12. Lezi zingane zilenyuse kakhulu izinga. Kulo nyaka kuzobe kuqhudelana kuwo amahhashi awu-12. Phambilini ebeba yisithupha noma yisikhombisa kuphela".
Uveze nokuthi kulo nyaka bameme okokuqala iGauteng. Baphinde babuyisa neMpumalanga, Eastern Cape, neLesotho.