ALELE eqenjini elizinze eKapa, iDHL Stormers, amathemba okugcina ezwe lethu ngendebe ye-United Rugby Championship (URC). Yilona leli qembu elizophinde lidlale kowamanqamu alo mqhudelwano.
IStormers, eyadla lesi sicoco ngesizini edlule, ngokuguqisa omkhaya iVodacom Bulls, kulokhu izodudulana neqembu lase-Ireland, iMunster, kowamanqamu ozoba ngoMgqibelo ngo-6:30 ebusuku eDHL Stadium, eKapa.
Ngemuva kokulala isithathu kwi-log, leli qembu elicijwa nguJohn Dobson, ligudluze iBulls kuma-quarterfinal, lakhipha iConnacht yase-Ireland, kowandulela owamanqamu.
IMuster ilale endaweni yesihlanu kwi-log ye-URC, yadla iqembu laseScotland, iGlasgow Warriors kuma-quarterfinal, ngaphambi kokugila izimanga ikhipha omkhaya iLeinster, kowandulela owamanqamu.
Ngesikhathi iMunster idla iLeinster ngo 16-15, kwavela i-vidiyo ezinkundleni zokuxhumana yabadlali beStormers, bejabula ndawonye. Ngaphandle kokuthi iLeinster ibisatshwa ngemuva kokuqeda esicongweni esigabeni samaphuzu, isinqobe imidlalo engu-16, yadliwa kanye, yadlala ngokulingana kanye, lo mphumela uholele ekutheni owamanqamu udlalelwe ekhaya leStormers.
Omunye wabadlali beStormers, uJoseph Dweba, wabonakala kwividiyo ethembisa iMunster isibhaxu kodwa omunye wabaqeqeshi beqembu, uRito Hlungwani uthe kwakuyimizwa yangaleso sikhathi.
UHlungwani uqhube wathi iMunster yiqembu abalihloniphayo kakhulu ngoba yabahlula ngo 26-24 kowamaqoqo ngo-Ephreli, bedlalela ekhaya.
“UJoseph ungumdlali ozifelayo ngombhoxo futhi ozithandelayo ukukhuluma kodwa ujwayele ukuwasekela amazwi akhe. Lokhu akushilo bekungeyona into obekufanele igcine isibonwe ngumphakathi, akulona iphutha lakhe,” kuchaza uHlungwani.
“Akulona futhi udaba esiludingide isikhathi eside. Okusemqoka ukuthi siyayihlonipha iMunster. Yilona kuphela iqembu esingakalishayi kwi-URC. Bazoza lapha neqembu eliqinile. Bayiqembu esilihlonipha kakhulu.
“Sasingekho ezingeni lethu ngesikhathi sidlala nabo okokugcina. Asiziphathanga kahle enkundleni ngendlela esijwayele ukwenza ngayo. Sikhulumile ngokuthi kumele senze okungcono kule mpelasonto.
“Banabadlali abanamandla abakwaziyo ukukududula uma kuqhudelwana kwi-maul, ngakho nathi kuzomele siqine lapho. Siyazi ukuthi kuzofanele silwe imizuzu engu-80 njengoba iMunster iyiqembu elingapheli mandla kuze kube sekugcineni.”
IMunster igqugquzelwe ukubuya konkonko lwamaBhokobhoko, uRG Snyman oseluleme, kanti iStormers ithole izindaba ezinhle zokululama kukaDeon Fourie, noMarvin Orie.