IZOQALA ekuhambeni ukuvikela isicoco se-European Challenge Cup iHollywoodbets Sharks, njengoba izodudulana neqembu laseFrance, iLyon, kusasa ntambama.
La maqembu azotholana phezulu emdlalweni weLast 16 ozoqala ngo-6.30 ntambama, eMatmut Stadium, eLyon.
ISharks yehlele kwiChallenge Cup kulandela ukuqeda endaweni yesihlanu eqoqweni layo kwi-Investec Champions Cup.
ILyon ibivele idlala kwiChallenge Cup kusukela ekuqaleni kwesizini, yadlulela kwiLast 16 ngokulala isibili eqoqweni layo.
Iphini lomqeqeshi weSharks, uJoey Mongalo, lithe sebekudlulisile okwenzeke ngempelasonto edlule, lapho benqotshwe khona yiLeinster ngo 10-7 kowe-United Rugby Championship, njengoba sebelungiselela lo mdlalo wakusasa.
"Siyiqembu elikwaziyo ukuqonda isimo. Iqembu ebesibhekene nalo ngesonto eledlule beliqinile, yize bebengekho abanye abadlali balo abadlalela iqembu lesizwe lase-Ireland. Kukhona okuhle esikuthathile kulowo mdlalo, njengokuthi sikwazile ukwakha amathuba kodwa okungekuhle ukuthi sihlulekile ukuwasebenzisa,” kusho uMongalo.
"I-Lyon inobuhlakani obuningi, njengeningi lamaqembu aseFrance. Inabadlali abakhethekile, ikakhulukazi abasemuva. Abadlali bayo baphambili bakhulu, banamandla.”
ISharks yadla isicoco seChallenge Cup ngesizini edlule ngesikhathi iqumba phansi iqembu lase-England, iGloucester, ngo 36-22 kowamanqamu.
UMongalo uthe bahlose ukwenza kahle kulo mqhudelwano nakule sizini, yize besabhekwe yimidlalo enzima nakwi-URC.
"Imidlalo ye-URC ne-Edinburgh ne-Ulster sizoyicabanga uma sekufike isikhathi sayo, okwamanje kusafanele sihloniphe lo mqhudelwano nawo osezingeni eliphezulu, iChallenge Cup, njengoba kufanele sivikele isicoco,” uqhube kanje uMongalo.
Elinye iqembu lakuleli, iVodacom Bulls, nalo lizobhekana nelaseFrance, iBayonne, kwiLast 16 yeChallenge Cup eStade Jean-Dauger, namuhla ngo-1.30 emini.