UKHALE ngendlela iqembu ebelihlakazeke ngayo ngesikhathi lishaywa yiVodacom Bulls ngo 44-10 emdlalweni we-United Rugby Championship, umqeqeshi weHollywoodbets Sharks, uJohn Plumtree.
Ngemuva kokuqala i-URC ngokuhlulwa imidlalo emihlanu ilandelana, kubukeke sengathi iSharks isibuyile ngesikhathi idlula kalula kwiDragons kulandela ukubuya kwabadlali abebekumaBhokobhoko.
Nokho, kuphinde kwagqama ukuthi leli qembu alikahlangani kahle ngesikhathi libhekene neqembu eliqinile leBulls ngempelasonto, ePitoli.
USedman Gans no-Akker van der Merwe batholele iBulls, ama-try amabili ngamunye, uKurt-Lee Arendse no-Elrigh Louw bashaya eyodwa ngamunye. UJohan Goosen ukhahlele ama-conversion amane namaphenathi amabili.
ISharks ithole i-penalty try eyodwa ngenxa yokuthi iBulls ibisiyivimbe kaningi ngokungemthetho isisondele emgqeni, yathola nephenathi eyodwa ekhahlelwe uCurwin Bosch.
“Kucacile ukuthi iqembu lethu alikahlangani. Ngesonto eledlule, sidlale neqembu laseWales okungenzeka ukuthi belingaphansi kwengcindezi ngenxa yesimo sezulu saseThekwini futhi belikhathele,” kusho uPlumtree ngemuva kokubhekana neBulls.
“IBulls iyiqembu langempela. Bangcono kunathi, ileyo nselelo ebesibhekene nayo. Ziningi izinto ezingalungile esizenze kulo mdlalo.
“Besingabukeki sengathi sisesimeni esifanele ngokomzimba futhi nabadlali bethu abaningi bebengawulungele umdlalo ngokwengqondo.
“Ngiyaziqhenya ngaleli jezi kodwa asizange sikukhombise lokho kulo mdlalo, besingabukeki sengathi sinawo umoya wethu ojwayelekile, siphoxekile ngempela.”
Iqembu likaPlumtree selizogxila emqhudelwaneni ohlukile, iChallenge Cup, lapho lizobhekana nePau yaseFrance eHollywoodbets Kings Park ngoMgqibelo.
“Isisekelo saleli qembu asiqinile ngokwanele kodwa ngisacabanga ukuthi singaba ngcono kunalokhu,” kusho uPlumtree.
“Kumele sizibheke thina. Abadlali bethu bebebukeka behlile kakhulu enkundleni, hhayi laba esengihlale nginabo isikhathi eside kuphela kodwa nalaba ababuya eFrance. Ngethemba ukuthi bazoba ngcono emdlalweni olandelayo.”
ISharks yilona kuphela iqembu lakuleli elihluliwe ngempelasonto njengoba iLions iguqise iDragons ngo 49-24, iStormers yadlula kwiZebre ngo 31-7.