SITHEMBISO MKHIZE
INKAKHA yeBanyana Banyana, uPortia Modise, ithi kufana nokuphenduleka kwemithandazo yeminyaka ukuthola uxhaso kwebhola labesifazane.
Izolo inhlangano eyengamele ibhola kuleli, iSouth African Football Association (Safa), yethule iHollywoodbets njengabaxhasi beligi kazwelonke yabesifazane esizokwaziwa ngeHollywoodbets Super League.
Empeleni lezi zindaba zizwakale ngempelasonto edlule kodwa iSafa yanquma ukuzethulela abezindaba izolo.
Umengameli wale nhlangano, uDanny Jordaan, umemezele ukuthi iHollywoodbets ixhase le ligi ngo-R17 million esivumelwaneni sesizini eyodwa.
Iqembu elizoba ngompetha lizoklonyeliswa u-R2 million, isibili sithole isigidi samarandi.
Kuvele nokuthi wonke amaqembu ayingxenye yale ligi azothola u-R150 000.
Ezinye izindaba ezijabulisile ngezithi umdlali ozoqokwa njengovelele ekupheleleni kwesizini uzokhala emuke no-R50 000.
UModise, owaqokwa ngo-2006 njengomdlali ovelele kwiWomen's African Football Championship, uthe wethemba ukuthi ukungena kweHollywoodbets kuzoheha nabanye abaxhasi.
Le nsephe, eyayingalibheki ipali, kade yayikusho ukuthi ibhola labesifazane kuleli lizokhula kuphela uma izinkampani zifaka imali.
"Sekuphele isikhathi eside sizama ukuthi elakuleli libe neligi kazwelonke yabesifazane, yezinga eliphezulu. Ukuqala kokungena kwabaxhasi kusho ukuthuthuka kwebhola labesifazane. Ngesikhathi iqalwa le ligi ngesizini edlule, bekunzima kakhulu kubanikazi bamaqembu ngenxa yokuswela imali yokuhambela imidlalo. Bazoke baphumule abanikazi bamaqembu.
"Okwenza ngicele nezinye izinkampani ukuthi zixhase ukuthi ekugcineni lezi zingane kumele zondle imindeni yazo ngokudlala ibhola. Kakungafani nezikhathi zethu lapho esasiphuma kwesinye isikhathi singaphethe lutho," kubeka uModise owaba ngowokuqala kuleli zwekazi ukushaya amagoli awu-100 eqenjini lesizwe.
Uveze nokuthi unethemba lokuthi iHollywoodbets akhona amalungelo ezowathenga okusakazwa kwale ligi eziteshini ezinkulu zikamabonakude kuleli.
"Ngithanda ukubonga iSABC ngokusakaza ibhola labesifazane ngezimpelasonto. Nokho kakwanele, ngesikhathi iba miningi imidlalo esakazwayo, bazosondela nabanye abaxhasi. Lokhu kuzophinde kudayise abadlali bethu emaqenjini ase-Europe. Ngicela nokuthi iHollywoodbets neSafa babambisane ekumaketheni le ligi ezinkundleni zokuxhumana,“ kusho uModise.
U-Jordaan uthe lolu xhaso luzolekelela abanikazi bamaqembu ekuthuthukiseni ibhola labesifazane kuleli.
“Sijabule kakhulu ngalolu xhaso, luzoshintsha okuningi. Lokhu kusho ukuthi iSafa iyaqhubeka nokubeka ibhola labesifazane ezingeni lomhlaba. Ngikhuluma nje sinabadlali abawu-32 abenza kahle kumaligi ase-Europe," kusho uJordaan.
Umqeqeshi weBanyana, uDesiree Ellis, uthe lolu xhaso luzokwenza ube lula umsebenzi wokuqoka abadlali bamaqembu esizwe.