UMPETHA weComrades Marathon, uTete Dijana, uthe ingcindezi ayitholayo ngeke imdidise endleleni ahlelela ngayo lo mjaho ozobe unyuka kulo nyaka. Uzosukela eThekwini, uphelele, eMgungundlovu, ngoJuni 9.
UDijana odabuka eMahikeng, eNorth West, waqopha umlando enqoba lo mjaho kulandelana, ngo-2022 nango-2023, yomibili kwakwehliwa.
Ngo-2022, washaya intambo ngesikhathi esiwu-5:30.35, kwathi nyakenye wanqoba ngesiwu-5:13.58). Utshele Isolezwe ukuthi yisonto lesithathu leli esekhempini, eRusternburg, khona eNorth West.
Uthe uthathe ikhefu eNorth West University lapho esebenza khona njengonogada.
Njengoba bekwenzeka eminyakeni edlule, uveze ukuthi kule khempu uyibambe neqembu lakhe, u-Edward Mothibi, Dan Moselakwe, Joseph Monyedi noJohannes Makgetla. Uveze ukuthi kulo nyaka bajoyinwe uWayne Spies wase-Australia. Bangaphansi kweso lomqeqeshi uDave Adams.
UDijana uqhubeke nokutshela leli phephandaba ukuthi kunabeza kuye, bambuze ukuthi uzolunga yini njengoba kunyukwa kulo nyaka.
Uthe abanye bamfisela inhlanhla, bese kuba khona okubonakalayo ukuthi bafuna ukudidisa ingqondo yakhe.
"Anginayo nencane ingcindezi. IComrades angikaze ngiyinqobe kwenyukwa, nami ngiyozama njengabanye abagijimi. Njengoba sisekhempini sihlelela lo mjaho ngezindlela eziningi. Lezi zinkulumo ngeke zingididise. Ngicabanga ukuthi sewuqinile ngokwanele umqondo wami kulo mdlalo. Ngiyawazi amaqhinga ezimbangi,“ usho kanje uDijana.
Ebuzwa ukuthi ubona engakanani amathuba okwenza kahle ngoJuni 9, uthe: "Sisemaphakathi namalungiselelo. Ungajima ngayo yonke indlela kodwa uma umzimba ungavumi ngosuku lomjaho isuke ingekho into ongayenza.“
Eqala uDijana ukugijima iComrades kwakunyukwa, ngo-2019. Wagcina elale kweka-50.
INedbank ayigijimelayo izogadla ngabagijimi bezinga eliphezulu abawu-22. Bawu-11 abesilisa kanjalo nabesifazane.
Eqhulwini igabe ngaye uDijana. Kulandela uMothibi, kwiComrades yango-2022, owalala isibili (5:33.46) nesithathu kweyanyakenye (5:17.34). Kukhona noMoselakwe owaqeda kweyesithathu ngo-2022. Wenza esiwu- 5:36.25.
UManyedi ngo-2022 wasonga kweyesikhombisa (5:44.57), nyakenye walala kweyeshumi (5:29.49).
UMakgetla ngo-2022, waqeda kweyesihlanu (5:41.36), ngonyaka odlule waphuma kweyesithupha (5:23.34). Abanye ngo-Onalenna Khonkhobe onqobe iTwo Oceans Marathon yalo nyaka, Mike Fokoroni, Piet Wiersma waseNetherlands owalala isibili nyakenye (5:14.01). Kukhona no-Alex Milne waseGreat Britain neLyno Muchena waseZimbabwe.
Eqhulwini kwabesifazane, kunoGalaletsang Mekgoe owaphuma indawo yesihlanu kwiComrades yangonyaka odlule. Wenza isikhathi esiwu-6:42.53. Kuboshelwe no-Adele Broodryk, ngo-2022, owalala isithathu (6:26.35). Nyakenye waqeda kweyesibili (5:56.26). Uzobe ekhona noDominika Stelmach wasePoland owalala isibili ngo-2022 ngesiwu-6:25.09. Nyakenye waphuma kweyesine (6:06.02). Abanye ngoSilindile Chili ekuqaleni konyaka olale isibili kwiRunified City 50km Race, ngesiwu-3:32.13.
Kukhona noDeanne Laubscher, Maretha Smith, Catriona Jennings wase-Ireland, Andrea Pomaranski wase-USA, Lamille Chaigneau waseFrance, Petra Pastorova waseCzech Republic noJackie Kellerman onobuzwe baseBritain nobakuleli.