THIS is it!
Akushiwo iqophamlando lenkakha yomculi, ipop - uMichael Jackson ongasekho kodwa yisiqubulo sabadidiyeli beComrades Marathon, iComrades Marathn Association (CMA) abakhuthaza ngaso abazimisele ukubhalisa kulo mjaho okuvalwayo ukwamukela imingenelo yawo ngoLwesihlanu.
Umjaho wangonyaka ozayo uzogijinywa ngoJuni 11. Kuzobe kuyiSonto kusuka ngo-5.30 ekuseni eMgungundlovu kuya eThekwini lapho kovalwa khona emuva kwamahora angu-12.
NgoLwesithathu, uRowyn James, uMqondisi Womjaho, uthumele isitatimende esiqwashisa abasazimisele ngokungenela ukuthi basalelwe yizinsuku ezintathu kuphela kuvalwe.
“Yithuba lokugcina lokungenela kubasubathi bethu ukuzifaka ohlwini lwemingenelo kulo mjaho, i-Ultimate Human Race, ezogijinywa okuka-96. This is it! (Sekunjalo!),” kush uJames.
Imingenelo ngobuchwepheshe, iku-www.comrades.com
Emizameni yokulekelela abasubathi, iCMA, iqhamuke nohlelo lokuthi abangenelayo bakhokhe isigamu (50%) semali yokungenela manje bese esinye basikhokhe ungakashayi uFebhuwari 28.
Akugcini lapho. Kuphinde kwavulwa nomncintiswano okuzomuhla kuwo abahlanu abazongenela kuleli sonto abazozibeka ethubeni lokungenela mahhala.
IMali yokungenela isafana neyanyakenye, imi kanje:
*South Africa - R1 200,
*Emazweni ase-Afrika - R2 000,
*Ngaphandle kwase-Afrika - R4 500.
Ukungenela kuvalwa ngo-4.30 ntambama ngoLwesihlanu noma uma sekuhlangene imingenelo engu-20 000. Kuyosebenza okuyofika kuqala.
Ngenxa yokuthi zizobe zisekhona izivimbelamgwaqo ngenxa yokulungiswa kwawo, umzila kukalwa ukuthi uzosondela emakhilomitheni angu-90.
Kuzonbe kungokwesi-48 kugijinywa umehlela.
#Ziyasha! #ThiIsIt!