EMUVA kokuqinisekiswa esikwatini samaBhokobhoko esiya kwi-2023 Rugby World Cup, uSiya Kolisi, uthembisa ukuthi iqembu lakhe lizofela enkundleni ukubhala kabusha umlando eFrance.
Umlando ofunwa ngezikaKolisi, wukuba yiqembu lesibili emlandweni ukunqoba kabili kulandelana isicoco somhlaba nokuba ngelokuqala ukusinqoba kane.
YiNew Zealand kuphela esike yasinqoba yasivikela lesi sicoco.
Yiyo namaBhokobhoko kuphela abasasinqobe kathathu ngokwehlukana.
“Siyazi ukuthi yini isizwe esiyilindele kithi kanti nathi sifuna okufanayo,” uKolisi, obuyele ekuzilolongeni neqembu ngokugcwele ngoMsombulu, esho kwi-sarugby.co.za.
UKolisi ubuya ekulimaleni kwezinyanga, okuholele ekuhlinzweni kwedolo.
“Siyayithanda ingcindezi ngoba kunesikhathi lapho besingafunwa khona. Ngakho siyayamukela ingcindezi futhi sifuna ukwenza into ekhethekile esike yenziwa kuphela yiNew Zealand, okungukunqoba kulandelana iWorld Cup ngokunjalo nokuba yiqembu lokuqala ukusinqoba kane.
“Siyazi ukuthi kusho lukhulu kangakanani kithi siyizwe. Njengalokhu umqeqeshi uRassie (-Erasmus osengumqondisi wombhoxo kwiSA Rugby) eshilo ngo-2019. Akusiyo ingcindezi, yingqayizivele (yethuba).”
Yize amaBhokobhoko esenesikhathi egudlukile endaweni yokuqala ekuklelisweni kwamaqophelo eWorld Rugby kodwa ukunqoba imidlalo emithathu kwemine yakamuva, kuyalakha ithemba.
UKolisi ubengekho behlula i-Australia ne-Argentina kabili. Komunye umdlalo baguqiswe yiNew Zealand.
Uzoba khona kwemibili yokugcina yokungcweka ne Wales ngo-Agasti 19 nayo iNew Zealand ngo-Agasti 25.
Emuva kwalokho bazobe sebelindela eyamaqoqo neScotland ngoSepthemba 10, iRomania ngoSepthemba 17, i-Ireland ngoSepthemba 23 neTonga ngo-Okthoba 1.
UKolisi ungomunye wabadlali abebekhona eJapan ngo-2019.
Ubalwa nakulabo abazodlala eNdebeni yoMhlaba okwesithathu.
“Kuhlezi kuyinto ekhethekile ukuba yingxenye yesikwati. Baningi abebengaqokwa kodwa abangangena, ngakho kulabo bethu abakhona sinejoka lokudlalela nabo uqobo,” kusho uKolisi.
Ngesikhathi elimele uKolisi ibhande ligqokwe nguDuane Vermeulen, Eben Etzebeth noBongi Mbonambi.
Isikwati esethulwe ngoLwesibili, sizilolonge okokuqala ndawonye ngoLwesithathu, sizolifulathela leli ngoMgqibelo.
ULukhanyo Am, obekhona kuyo yonke imidlalo eyiphini labo bobathathu okaputeni, ulimale edolweni e-Argentina ngempelasonto kodwa kuthiwe usengafakwa esikwatini uma eluluma emasontweni amane njengokombiko wodokotela.