UKHETHE ukuzama okuhlukile umqeqeshi wamaBhokobhoko, uJacques Nienaber, njengoba bezodlala ne-Ireland ngoMgqibelo.
UNienaber uveze ukuthi uzosebenzisa uCheslin Kolbe endaweni engajwayelekile kulo mdlalo ongowokuqala ohambweni lwamaBhokobhoko lwaminyaka yonke lwaphesheya lokusonga unyaka. Umdlalo uzobanjelwa e-Aviva Stadium ngo-7:30 ebusuku.
UKolbe, ozobe edlalela iqembu lesizwe okokuqala selokhu alimala ngoJulayi, ujwayele ukudlala ephikweni kodwa kulo mdlalo uzoyibamba emuva kwi-fullback.
Emaphikweni kuboshelwe uKurt-Lee Arendse noMakazole Mapimpi. UJesse Kriel abambisane noDamian de Allende maphakathi nenkundla.
UDamian Willemse, oseke wadlala kwi-fullback phambilini, uzoqhubeka kwi-flyhalf ehambisana noJaden Hendrikse ofakwe kwi-scrumhalf.
“Sikhethe iqembu esikholelwa ukuthi lizohlangana kangcono futhi likwazi ukumelana nobungozi be-Ireland,” kusho uNienaber.
“UDamian usayibambe ngakho kwi-flyhalf futhi uyaqhubeka nokukhula njengomdlali kuleyo ndawo. Sicabanga ukuthi uCheslin uzosinika okuhlukile kwi-fullback.
“Uhlale isikhashana engadlali ngemuva kokuphuka umhlathi sibhekene neWales kodwa usedlale imidlalo emine egcwele eqenjini lakhe iToulon selokhu alulama. Siyethemba ukuthi uzobe eyilungele le nselelo.”
Emqhudelwaneni weSix Nations ngasekuqaleni kwalo nyaka i-Ireland yashaya i-England, Wales, Scotland ne-Italy, yadliwa ngompetha, iFrance, kuphela.
Iphinde yadla iNew Zealand kabili ngoJulayi. Njengamanje izihola phambili uma kukleliswa amazwe emhlabeni kwezombhoxo.
AmaBhokobhoko alele endaweni yesithathu.
“I-Ireland iyiqembu elihamba phambili emhlabeni njengamanje futhi siyazi ukuthi kunzima ukubahlula eDublin,” kusho uNienaber.
“Sagcina ukubhekana nabo enkundleni yabo ngo-2017 basishaya ngo-38-3 kulowo mdlalo. Basihlula ngo-29-15 nango-2014 ngakho-ke bazongena enkundleni bezethemba.
“Nabo babheke ukuthi benze kahle kulo mdlalo kwazise siqhathwe eqoqweni elilodwa kwiNdebe yoMhlaba ezoba seFrance ngonyaka ozayo. Lo mdlalo ubalulekile kithina ngenxa yezizathu eziningi, esinye sazo ukuhlola abadlali bethu njengoba sekusele isikhathi esingaphansi konyaka ngaphambi kokuthi iqale iNdebe yoMhlaba.”
USbu Nkosi noMarco van Staden ngeke besaba yingxenye yesikwati samaBhokobhoko ngenxa yokulimala. Abekho asebebiziwe ukuzovala izikhala zabo.
Iqembu lamaBhokoBhoko elizobhekana ne-Ireland:-
Abazoqala: 15 Cheslin Kolbe, 14 Kurt-Lee Arendse, 13 Jesse Kriel, 12 Damian de Allende, 11 Makazole Mapimpi, 10 Damian Willemse, 9 Jaden Hendrikse, 8 Jasper Wiese, 7 Pieter-Steph du Toit, 6 Siya Kolisi (ukaputeni), 5 Lood de Jager, 4 Eben Etzebeth, 3 Frans Malherbe, 2 Malcolm Marx, 1 Steven Kitshoff.
Abasebhentshini: 16 Bongi Mbonambi, 17 Ox Nche, 18 Vincent Koch, 19 Franco Mostert, 20 Deon Fourie, 21 Kwagga Smith, 22 Faf de Klerk, 23 Willie le Roux.