UKWESEKWA akuthola kubazali nasemndenini wonkana yikho okwamenza wakhula enokuzethemba phezu kokuba ekhubazekile, waba nanentshisekelo yokungena kwezemidlalo njengabanye ontanga yakhe nozakwabo.
ULindelani Mazibuko waseMakekeni, eLoskop, eMtshezi okhule edlala i-wheelchair basketball kusukela esafunda emabangeni aphansi waze wafika emabangeni aphakeme, usengene shi emdlalweni wokuqukula izinsimbi nokuba ngusozinyama (bodybuilding).
Nakuba kungakabi yisikhathi eside edlala lo mdlalo kodwa uMazibuko usehlabane ngezindondo ezimbili ngokuba ngumpetha kazwelonke emunxeni we-wheelchair bodybuilding ngemuva kokudla umhlanganiso kwi-University of South Africa Bodybuilding Competition ebibanjelwe eNorth-West University, ePotchefstroom, muva nje.
UMazibuko (25) obemele iMangosuthu University of Technology (MUT) kulo mqhudelwano obekudlana imilala kuwo osozinyama basemanyuvesi ehlukene akuleli, uhlabane ngendondo ye-Wheelchair Bodybuilding ne-Men Best Poser emunxeni wabesilisa.
“Ngijabule kakhulu ngokuphumelela kwami kulo mqhudelwano futhi lokhu kungifaka umfutho kakhulu kunakuqala ekuqhubekeni nokuzimisela kulo mdlalo wosozinyama, okungumdlalo enginesifiso sokuwudlala esigabeni esikhokhelayo ngelinye ilanga.
Lokhu kusho lukhulu kimina njengoba kungakabi yisikhathi ngiqale ukuwudlala,” kusho uMazibuko, oqeqeshwa nguMaxwell Nxumalo kulesi sikhungo semfundo ephakeme esiseMlaza.
UMazibuko waqala ukudlala i-wheelchair basketball kusukela ebuncaneni bakhe esafunda KwaZamokuhle Special School, okuyisikole sezingane ezikhubazekile esisePhangweni, eMtshezi.
Waqhubeka nayo i-wheelchair basketball naseMason Lincoln Special School, eMlaza, kodwa okuthe uma esefika eMangosuthu wangenwa wuthando lomdlalo wosozinyama.
“Ekufikeni kwami eMangosuthu ngibe sengiba nothando lwalo mdlalo wosozinyama, ngaqala ngaziqeqesha ngangenela nemiqhudelwano, njengoba nanyakenye ngahamba ngaze ngafinyelela ezingeni likazwelonke.
“Ngaze ngaphumelela nokuzibekisela indawo emqhudelwaneni womhlaba owawuseBarcelona, eSpain (i-IFBB World Fitness and Bodybuilding Championship), kodwa angangakwazi ukuyobamba iqhaza kuwona ngenxa yokweswela uxhaso lwemali.
“Nakulo nyaka ngizimisele ukubamba iqhaza emidlalweni yokuhlunga ezoba ngo-Agasti yokuhlungela ukuzibekisela indawo kwiWorld Championship,” kuqhuba uMazibuko, owenza unyaka wesibili kwiDiploma in Accounting.
“Ukwesekwa engikhule ngikuthola kubazali bami, umama uMaNyathi (uCabangile) nobaba uBhekumuzi, nomndeni wakithi wonkana ukubala nabafowethu nodadewethu, yikho okwangenza ngakhula nginokuzethemba ekubambeni iqhaza kwezemidlalo, ngaphandle kokuzenyeza ngesimo sami sokukhubazeka.
Ngakho ngiyabakhuthaza nabanye abantu abasha abakhubazekile njengami ukuthi bangazithambisi, babambe iqhaza emidlalweni ehlukahlukene ekhona ngoba umuntu angakwazi ukuziphilisa ngezemidlalo.”