UZOGQUGQUZELA ukuhlonishwa kwabesifazane abakwezemidlalo umqhudelwano, iDurban Open Beach Volleyball, ozobanjelwa eThekwini, kule mpelasonto.
Lo mqhudelwano ozohlanganisa amaqembu abesifazane angu-16 aqhamuka ezifundazweni ezahlukene kuleli, uzokuba seNorth Beach kusukela ngoMgqibelo kuze kube yiSonto.
Uyingxenye yohlelo lwe-Change The Angle olwenziwa yinkampani ekhiqiza ezokuzicwala, iLUX. Lo mkhankaso uhlose ukugqamisa ukucwaswa ngobulili kwabesifazane kwezemidlalo.
Inhloso wukukhuthaza labo abasakaza imidlalo yabesifazane ukuthi bagxile kulokhu okusuke kwenzeka enkundleni, bangagxili emizimbeni yabadlali.
Lo mqhudelwano uzohlelwa yiKwaZulu-Natal Volleyball futhi kuzobe kungenwa mahhala.
“SiyiLUX sifuna ukukhuthaza abesifazane ukuthi babuke ubuhle babo njengomthombo wamandla. Esikutholile emidlalweni yabesifazane ukuthi, isikhathi esiningi, amakhamera agxila emizimbeni yabo kakhulu.
“Ngomkhankaso weChange the Angle sithi kumele kugxilwe emsebenzini omangalisayo owenziwa yilezi zintokazi enkundleni ngoba zisebenza kanzima,” kusho iSenior Brand Manager yakwaLUX, uVanessa Mhango.
“Sikhethe i-volleyball ngoba ingomunye yemidlalo lapho kugqame khona kakhulu ukucwaswa kwabesifazane ngobulili ngenxa yendlela okugqokwa ngayo uma kudlalwa wona kodwa sithi akufanele kube njalo. Sifuna nokuphakamisa umdlalo we-volleyball ngoba amaqembu enza kahle futhi sifuna wonke umuntu akuqaphele lokho.
“Asiqali ukuzibandakanya nezemidlalo, senze nomkhankaso obizwa nge-Born This Way seseka umsubathi wakuleli, uCaster Semenya, empini yakhe nemithetho engalungile yeWorld Athletics emvimbela ukuthi agijime ngaphandle kokushintsha umzimba wakhe. Sisaqhubeka nokumeseka futhi sizoqhubeka nokulwa nokucwasana ngobulili kwezemidlalo.”
Kulo mkhankaso iLUX iphinde yabambisana neSonke Gender Justice, okuyinhlangano egqugquzela ukulingana ngokobulili.
Umengameli we-KZN Volleyball, u-Aadil Khan, ulindele ukuthi lo mqhudelwano ube nomthelela omuhle ngaphakathi nangaphandle kwenkundla. Uthemba ukuthi zizokwanda izinkampani ezifaka isandla ekuthuthukisweni kwemidlalo yabesifazane.
“Ukukhula kwe-volleyball, ikakhulukazi eyabesifazane, ngenye yezinto eziseqhulwini ezinhlelweni zeKZN Volleyball. Siyavuma futhi ukuthi kumele kube nezinguquko endleleni imidlalo yabesifazane ethathwa ngayo futhi esakazwa ngayo,” kusho uKhan.
“Umdlalo we-volleyball uhlukile ngoba sinabadlali abaphuma kuzo zonke izifunda futhi sinezibalo ezinhle zabesilisa nabesifazane. Leli yithuba lokubeka i-volleyball yasebhishi lapho ngikholwa ukuthi kufanele ibe khona, ezingeni lamazwe ngamazwe.
“Sifuna abantu beze ngobuningi babo. Singathanda ukubona abantu abazidlalela i-volleyball ngenjongo yokuzijabulisa beza eNorth Beach, bezobona lezi zintokazi ezidlala ezingeni eliphezulu kakhulu. Siyethemba ukuthi lo mqhudelwano uzoheha abadlali nabalandeli abasha be-volleyball.”
Iqembu elizodla umhlanganiso lizothola uR25 000, eliphume isibili lizothola uR15 000, elizoqeda endaweni yesithathu lihlomule ngoR10 000 kanti elizolala isine lizophuma nesheke likaR5 000.
Amaqembu azoqeda endaweni yesihlanu kuya kweyesishiyagalombili azogoduka noR3 000 iqembu ngalinye kuthi azoqeda endaweni yesishiyagalolunye kuya ku-16, athole uR2 000 ngalinye.