KUGUGA iphakethe kubadlali abasemabhukwini eMamelodi Sundowns ababuyele eqenjini labo kade bebolekisiwe ngesizini edlule.
Okubanga lokhu ukuthi iningi labo okukhona kubona uThela Ngobeni, Sibusiso Kumalo, Bongi Ntuli, Mokgakolodi Ngele noCuthbert Malajila, abazi noma baqashe izindawo zokuhlala ePitoli noma balinde yini.
Baziqeqesha nezikimu ezincane ngesethembiso sokuthi bazocacelwa konke ngokuzokwenzeka ngabo uma uPitso Mosimane umqeqeshi weSundowns, esebuyile eTogo lapho ebeyodlala khona umdlalo weCaf Champions League.
“Ukuba wumdlali weSundowns kwenza uzikhethe izindawo ongahlala kuzona. Lapho sijwayele khona ukuthola izindawo kumba eqolo ngoba kuyaziwa ukuthi sidlalela iSundowns ngakho-ke imali ithi tata kithina. Njengamanje asikwazi ukuqasha izindawo ngoba kufakwa imali enkulu yokubambisa okungaba yinkinga uma umqeqeshi esebuya ekukhomba eFree State kumbe KwaZulu Natal. Siphila ngokukhokhela usuku ngalunye okuyinto esibulalayo ephaketheni ngoba kwezinye izindawo kukhokhwa u-R500 ngosuku,” usho kanje omunye walaba badlali okhulume noPotshoza ngesivumelwano sokuthi igama lakhe ngeke livele.
Iqhawe lakho selingakuveza nokuthi laba badlali bafunwa ngapha nangapha kodwa iSundowns ayifuni ukudayisa kepha ikholelwa ekubolekiseni.
“Inkinga ngalokhu kubolekiswa ukuthi iSundowns ithi iqembu eliboleka umdlali kuyona kumele likhokhele lowo mdlali ngokugcwele kanti manje ukukhokha kwamaqembu akufani,” ujobelele kanje lo mdlali ebika usizi lwakhe kuPotshoza.