URHULANI Mokwena, ongumqeqeshi omusha weWydad Casablanca yaseMorocco, uveze ukuthi nakuba ebuqonda ubunzima bomsebenzi omhlalele azifake kuwona wokubuyisela leli qembu esicongweni kodwa akazile “ukuzovula amakilasi” okufundisa ukuwina.
UMokwena umenyezelwe njengomqeqeshi omusha weWydad ngoLwesine emuva kwezinsuku ehlukane neMamelodi Sundowns. Usayine inkontileka yeminyaka emithathu. Nakuba abekhona amanye amaaqembu abemfuna lo mqeqeshi kodwa uqoke ukujoyina iWydad engelinye lamaqembu anomlando onothile ebholeni lase-Africa. UMokwena ufulathele iSundowns eseyiwinile indebe yokuqala ye-African Football League (AFL) nesicoco seligi yeDStv Premiership kabili.
Umsebenzi omhlalele enhla ne-Afrika, wukuvusa iWydad ekhishwe ekuseni kwiCaf Champions League ngesizini edlule, yaqeda endaweni yesithupha kwi-ligi edliwe yiRaja Casablanca ebiqeqeshwa nguJosef Zinnbauer noFadlu Davids.
“Ngiyakuqonda ukuthi kuyinselelo engakanani lokhu. Angizile lapha ngivale amehlo. Izingxoxo zithathe isikhathi eside ngoba bekunezinto ezithile obekufanele sivumelane ngazo. Engikubonga kakhulu wukuthi ibhodi linezifiso zempumelelo ezifana nezami futhi lizinikele ukuthi lizoseseka ngokuphelele njengoba sivusa lezi zinkunzi,” kusho uMokwena ekhuluma okokuqala nabezindaba eMorocco.
“Ngicabanga ukuthi umsebenzi wethu akukhona ukuzofundisa iWydad ukuthi kuwinwa kanjani njengeqembu. Iwine isicoco seligi kawu-22, iChampions League kathathu. Yiqembu elikwaziyo ukuwina.
“Okwethu wukubakhumbuza ukuthi imeleni iWydad. Ngesikhathi ngicwaninga ngithole ukuthi igama elithi Wydad lisho uthando. Ngakho uthando ebengiluthola lapha uma ngizodlala neWydad, ngiyajabula ukuthi ngithola lona futhi lungaphezulu. Kuzoba wumsebenzi onzima. Ibhodi liyazi, nabalandeli bayazi. Kodwa ukuba nzima kwawo akusho ukuthi awenzeki. Umsebenzi wethu wukubuyisela iqembu lapho elifanele wukubakhona.”
Abekhona amanye amaqembu abemfuna uMokwena kodwa uthe uqoke iWydad ngoba yilapho ethandwa khona. Uthe ukubone lokhu ngendlela abebemnamathele ngayo abaphathi bayo kusukela eshiye iSundowns ngesonto eledlule.
“Emuva kokuba iWydad ithole ukuthi sengiyishiyile iSundowns, kuthathe umengameli nebhodi amahora ambalwa ukuxhumana nemenenja yami (Steve Kapeluschnik) engifuna ukuyibonga nayo ngomsebenzi omuhle nokuzinikela kwayo ngomsebenzi owenzekile ezinsukwini ezimbalwa ezidlule.
“Ngibonga namaqembu engisuka kuwona okuyiMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates. Kungenxa yemfundo yami nemvelaphi yami ukuthi iqembu elifana neWydad likhombise intshisekelo emsebenzini wami okuyinto engenze ngathobeka kakhulu,” kusho uMokwena.