OWAYEYINJINI esiswini seKaizer Chiefs, uReneilwe “Yeye” Letsholonyane, uthi akufanele kumfakele ingcindezi uSiyethemba Sithebe, ukugixabezwa ngonombolo 6 wejezi azoligqoka kuleli qembu ngesizini ezokwethwasa ka-2022/2023.
ULetsholonyane ugqame kakhulu ngenkathi esagqoka ijezi elingunombolo 6, ngesikhathi sakhe esayibamba esiswini seKaizer Chiefs, eminyakeni edlule enqoba nalo izicoco.
USithebe (29), ongomunye wabadlali abasanda kusayiniswa yiChiefs, unikwe ijezi ebeligqokwa nguKearyn Baccus, obuyele kwelakubo e-Australia, emuva kokukhululwa yiqembu.
Phakathi kwabanye abadlali abake bagqoka unombolo 6 kwiChiefs, belandela uLetsholonyane oshiye Amakhosi ngesizini ka-2016/2017, kubalwa uBhongolwethu Jayiya, nBaccus osanda kushiya eNaturena.
“Yebo, ngiyavuma ukuthi ukwenza kahle kwami kwiChiefs kule minyaka edlule ngidlala kuyo, ngigqoke ijezi elingonombolo 6, kungenza omunye umdlali onikezwa lona azithole enengcindezi yokwenza kahle.
“Ngibona singekho isidingo salokhu ngoba ngokwami ijezi alisho lutho kangako. Okubalulekile yindlela umdlali azinikela ngayo enkundleni, kungakhathalekile ukuthi ugqoke ijezi elingunombolo yiphi,” kusho uLetsholonyane.
USithebe ubeyisethenjwa somdlali wasesiswini kuMaZulu, lapho egijime amasizini amahlanu, egqoka ijezi elingunombolo 10, nokuyijezi alinikwa yinkalimeva enguSiyabonga “Bhele” Nomvethe, ngenkathi iwaphanyeka emgibeni amakhokho.
“USithebe ungumdlali ozinikelayo futhi osebenza ngokuzikhandla. Ngiyazi ukuthi ngokujoyina kwakhe iChiefs kuzolindeleka lukhulu kuye, ikakhulu ngoba iChiefs ibalwa namaqembu amakhulu eNingizimu Afrika, futhi inabalandeli abaningi kakhulu. Kodwa kuzomele aqhubeke nokwenza kahle njengoba ebenza oSuthwini. Angazifaki ngaphansi kwengcindezi yokuthi usedlala kwiChiefs,” kweluleka uLetsholonyane.