UZISHAYA isifuba ngendlela iqembu eliqhubeke ngayo nokuthola imiphumela emihle ngokushaya iNew Zealand ngo 18-12 emdlalweni weRugby Championship eDHL Stadium eKapa, ngoMgqibelo, ukaputeni weqembu lesizwe labesilisa lombhoxo, uSiya Kolisi.
Ukunqoba kwamaBhokobhoko ebhekene nama-All Blacks imidlalo emibili ilandelana kulo qhudelwano kuqinisekise ukuthi yiwona angompetha bendebe edlalelwa yilawa mazwe amabili ayizimbangi embhoxweni, eyaziwa ngeFreedom Cup.
Ibuyela kuleli okokuqala selokhu amaBhokobhoko agcina ukuyithatha ngo-2009, kwazise ama-All Blacks abesejwayele ukuzenzela eqenjini lakuleli kulo mqhudelwano.
Nokho, amatafula aphendukile emidlalweni yakamuva njengoba amaBhokobhoko eseyinqobe kane kulandelala iNew Zealand.
Ayiqala kowokungcweka ngaphambi kweNdebe yoMhlaba ngo-Agasti nyakenye, ayiphinda kowamanqamu eNdebeni yoMhlaba ngo-Okthoba, njengoba esenqobe le midlalo emibili yeRugby Championship.
UKolisi, owaphuka ikhala emdlalweni wokuqala nama-All Blacks eGoli, uthe bekusemqoka ukuthi yena neqembu lonke balwe ngayo yonke indlela kowesibili eKapa, ukuze babuyise iFreedom Cup.
“Sonke besiwufuna lo mdlalo futhi besazi ukuthi mkhulu kangakanani. Umqeqeshi (uRassie Erasmus) ukhombise ukungethemba ngokungifaka eqenjini uma ngithi ngikulungele ukudlala. Bekufanele ngikukhombise lokho, ngizinikele ngokuphelele enkundleni ngoba bakhona abanye abadlali abebelifuna leli thuba,” kusho uKolisi.
“Besiwudinga lo mphumela. Asiqalanga ngendlela ebesifuna ukuqala ngayo kodwa umqeqeshi usitshele iqiniso ngesikhathi sekhefu. Isiwombe sesibili sisiqale ngendlela ebesiyifuna ngayo, nalaba abebesuka ebhentshini benza abadume ngakho, okuwukuphakamisa umfutho weqembu.
“Lo mdlalo ubusho lukhulu kithina. Yiwona mdlalo obumkhulu selokhu sanqoba iNdebe yoMhlaba. Ngijabulele abadlali abasebasha eqenjini nalaba abebekade belimele. Siyaziqhenya njengeqembu.”
AmaBhokobhoko aqhwakele kwi-log yeChampionship ngamaphuzu angu-18 emidlalweni emine, alandelwe yi-Argentina enamaphuzu angu-10.
INew Zealand isendaweni yesithathu ngamaphuzu ayisikhombisa, i-Australia isemsileni ngamaphuzu amane.
Iqembu lakuleli lizobhekana ne-Argentina ekuhambeni ngoSepthemba 21. Lizophinda badlale eMbombela, ngoSepthemba 28.
Khonamanjalo: Ukaputeni weqembu lesizwe labesifazane lombhoxo, uNolusindiso Booi, naye uncome iqembu lakhe ngokushaya into ecokeme lixebula iBarbarians ngo 59-17 emdlalweni obhule amazolo eKapa.
Bekungokokuqala ukuthi amaBhokobhoko esifazane anqobe leli qembu elibunjwe ngabadlali abasezingeni eliphezulu abavela emazweni ahlukene.
“Lolu bekuwusuku oluhle futhi ngijabule kakhulu ngokuthi sonke sikwazi ukukhombisa amakhono ethu. Sonke singaziqhenya ngendlela iqembu elidlale ngayo,” kusho uBooi.