LIQINISEKISE ukuthi lizobuyela ekhaya limamatheka iqembu lakuleli lombhoxo labesilisa ngokuthela phansi i-Australia ngo 30-12 emdlalweni we-Rugby Championship obuse-Optus Stadium, ePerth, ngoMgqibelo.
Ukunqoba kwamaBhokobhoko kusho ukuthi akwazile ukunqoba imidlalo emibili ilandelana e-Australia okokuqala kusukela ngo-1971, njengoba abewashaye ngo 33-7 ama-Wallabies emdlalweni wokuqala eBrisbane.
IPerth yaziwa ngokuba nenqwaba yabantu baseNingizimu Afrika asebezinze e-Australia futhi kabazange baphoxe njengoba bephume ngobuningi babo yize imvula ibiyidliva.
AmaBhokobhoko aqale umdlalo ngabadlali abangu-10 abangazange baqale kowokuvula, akwazile ukumelana nezimo ezinzima zokudlala emvuleni ebikhashwa ngumoya, agcina ewunqobile umdlalo.
U-Aphelele Fassi noMarco van Staden bashaye i-try eyodwa ngamunye, uMalcolm Marx washaya amabili. USacha Feinberg-Mngomezulu ubeke phakathi amaphenathi amabili kanye ne-conversion eyodwa, kwathi uHandre Pollard washaya i-conversion eyodwa.
Amaphuzu ama-Wallabies aqhamuke kumaphenathi amane akhahlelwe nguNoah Lolesio.
“Siwuqale kahle umqhudelwano. Sithole amaphuzu amahlanu emidlalweni emibili ilandelana. Manje sekumele sigoduke siyolungiselela ukubhekana nama-All Blacks. Kuzoba yinselelo enkulu ekhaya kodwa sijabule ngokwenziwe yiqembu e-Australia,” kusho umdlali wakuleli, u-Eben Etzebeth.
“Wonke umuntu ulitholile ithuba lokudlala. Sihlala sithi uthola leli thuba kuphela uma likufanele. Abadlali abaqale umdlalo babeke isisekelo esiwombeni sokuqala kwathi abebesuka ebhentshini bawuqedela umsebenzi. Kuyajabulisa ukubabona bedlala kuleli zinga. Kukhombisa uhlobo lweqembu umqeqeshi uRassie alakhayo futhi yilokho esikufunayo.”
AmaBhokobhoko azolungiselela ukubhekana neNew Zealand e-Ellis Park, eGoli, ngo-Agasti 31. Azophinde adudulane nawo ama-All Blacks eKapa ngoSepthemba 7.
URassie uthe nakuba ama-All Blacks ehluliwe emdlalweni wawo wokuqala ebhekene ne-Argentina, indlela avuke ngayo ashaya iqembu elifanayo emdlalweni wesibili, ikhombisile ukuthi kuzoba nzima kangakanani ukudlala nawo.
"Kuzoba yinselelo enzima kakhulu. Angiqondile ukudelela i-Australia ngoba siyazi ukuthi okwamanje isalakha kabusha iqembu," kusho u-Erasmus.
“Ngesonto eledlule ngesikhathi ama-All Blacks ehlulwa, abantu bakhulume okuningi ngawo, kodwa abuyile ahlohla amaphuzu amaningi esephinda ne-Argentina. Sizodlala nawo eGoli bese sidlulela eKapa, lapho ekhululeka khona kangcono. Kuzoba uchungechunge olunzima,” kuphetha yena.