IZINKULUMO zabalandeli bakanobhutshuzwayo baseNingizimu Afrika ngaye kumbe indlela adlala ngayo, akuzona izinto azikhathaza ngokuzifaka ekhanda umgadli we-Orlando Pirates neBafana Bafana, u-Evidence Makgopa, ngoba yena wenza into azifelayo ngayo, ukudlala ibhola.
Kusukela uMakgopa ebizelwe kwiBafana ebizoya kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ebise-Ivory Coast, imvunge ngaye nendlela agadla ngayo ayikaze iphole kubalandeli ezinkundleni zokuxhumana.
Nangesikhathi iqhubeka i-Afcon osekungumlando ukuthi uMakgopa usize kuyona iBafana ukuthi iqede endaweni yesithathu, ibisalokhu iqhubeke njalo inkulumompikiswano ngalo mgadli oneminyaka engu-23.
Kwale noma uMakgopa eseshayele iBafana elinye lamagoli amqoka inqoba ngo 2-0 kwi-Last 16 kwiMorocco.
Kube ubuqhawe bakhe obusize iPirates iqoqa amaphuzu agcwele kwiDStv Premiership okokuqala kulo nyaka kulandela iwini yayo ka 1-0 kwiPolokwane ngoMgqibelo.
Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba emuva komdlalo, uMakgopa ubuziwe ukuthi ngabe kumphazamisa kangakanani ukuthi kuhlale kukhona abanombono ngaye kumbe indlela adlala ngayo ezinkundleni zokuxhumana. Abaye bakhale ngaye bagqamisa eyokuthi ulahla amathuba ngenxa yokungabi bukhali phambi kwamapali.
“Iqiniso ukuthi umuntu ngeke umphoqe ukuthi akuthande kumbe akweseke kodwa futhi izinto ezinjalo angizixaki ngokuzifaka ekhanda,” kusho uMakgopa.
“Engikwaziyo ukuthi uma ngisenkundleni ilapho ngisuke ngijabule khona kakhulu ukuthi ngingazixaka ngokunaka okushiwo abantu ngami.
“Ngiyazifela ngonobhutshuzwayo futhi ngizimisele ukwenza noma yini eshiwo abaqeqeshi bami okuyibona abasuke bebone kungifanele ukuba senkundleni ngaleso sikhathi.
“Okumqoka ukuthi yini engiyenzayo ukuyisa phambili iqembu lami uma abaqeqeshi benginike ithuba lokuba senkundleni. Okunye nokunye akuzona izinto engizixaka ngokuzifaka emqondweni wami,” kuqhuba yena.
Kube igoli lakhe eliwinise iPirates kowabakhaya baseSoweto iKaizer Chiefs nyakenye kodwa akaphumelanga obala ngesikhathi ebuzwa ngalo mdlalo omkhulukazi ekhalendeli lebhola lakuleli ongoMashi 9.
“Kusekhona umdlalo wasekhaya obalulekile (neCape Town Spurs ngoLwesithathu) ngaphambi kokucabanga ngowabakhaya futhi nakhona akulula ukuphawula ngawo ungazazi nezinhlelo zomqeqeshi,” kuphetha uMakgopa oseshaye amagoli amahlanu eligi emidlalweni engu-15 kule sizini.