IMPILO ngeke isafana nakuqala ezinduneni zamakhosi KwaZulu-Natal. Lokhu kungemuva kwesimemezelo sikangqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu emayelana nokuthi zikhokhelwe yonke imali yamaholo ezikweletwa yona uhulumeni.
UNkk Bongi Sithole-Moloi, uNgqongqoshe wezokuBusa ngokubambisana neziNdaba zoMdabu udalule lokhu izolo esiShayamthetho eMgungundlovu, ngesikhathi ethula isabelomali somnyango sika-R2.4 billion.
Isimemezelo sikhishwa ngemuva kwezingxoxo ezinde ngoba uhulumeni ubekhala ngokuthi akanayo imali eyanele yokukhokhela izinduna. Besekuyisikhathi uhulumeni enza izinhlelo abuye axhumane nezinduna namanye amaqembu esiShayamthetho.
“Ngiyajabula ukuthi emva kwesikhalo eside umnyango usuzokwazi ukukhokhela izinduna. Sibonga ukubambisana nohulumeni kazwelonke ngohlelo.
“Singakuqinisekisa ukuthi zonke izinduna ebezikweletwa wuhulumeni okuhlanganisa nesezathatha umhlalaphansi, noma ezasishiya emhlabeni zizokhokhelwa,” kuchaza uNkk Sithole-Moloi.
Isimemezelo samukelwe ngamaqembu ezepolitiki esiShayamthetho. Kuzokhumbuleka ukuthi uhulumeni kazwelonke wamemezelango-2013 ukuthi sekufanele zikhokhelwe izinduna. Yize isimemezelo senziwa ngo-2013 kodwa uhulumeni waqala ngo-2016, ukukhokhela izinduna nokwenza kube nesikweletu kusukela ngo-2013.
UNkk Sithole-Moloi udalule ukuthi omabhalane basezinkantolo zamakhosi ngeke basale ngaphandle futhi bazonyuselwa iholo likaR1600 libe uR8000. Lokhu kulindeleke ukuthi kwenzeke kusukela ekupheleni kwenyanga.
Ephetha ungqongqoshe uthe mayelana nemali yezinduna umnyango usuqalile ukuxhumana nazo futhi kulindeleke luphothulwe ngoMeyi uhlelo lokuzikhokhela.