UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uthembise ukweseka abeTransnet Pipelines njengoba izinhlelo zabo zizothuthukisa umnotho zidale amathuba omsebenzi.
UNkk Dube-Ncube ube nomhlangano nesikhulu sale nkampani, uMnuz Sibongiseni Khathi, oyingxenye yochungechunge lwemihlangano undunankulu azoba nayo nezinhlaka ezihlukene njengoba ezothula inkulumo yesifundazwe ngoLwethathu.
UKhathi ukhombise uNkk Dube-Ncube izinhlelo zentuthuko ezizayo kwazise ngeke besathutha uphethroli kuphela kodwa bazothutha nohlobo legesi ebizwa nge-liquefied natural gas.
Lokhu kuzokwenzeka echwebeni laseRicards Bay kanti kwakhiwa namathangi amakhulu echwebeni laseThekwini.
Lezi zinhlelo, uKhathi uthe zizoletha omkhulu umehluko emnothweni waKwaZulu-Natal.
Ubuye wachazela uNkk Dube-Ncube ngezingqinamba ababhekene nazo abale ukwebiwa kukaphethroli ngamasela axhuma emapayipini abo, wakhala nangabantu abakha basondele emapayipini abo yize kunomthetho ocacisayo ukuthi lokhu akulungile.
Ucele undunankulu ukuba abasheshisele izinhlelo zokuhlolwa kwemvelo ngaphambi kokuba baqale intuthuko yabo.
“Siyakholelwa kakhulu ekwakheni ubudlelwano nohulumeni nomphakathi ukuze sikwazi ukuya phambili. Siyajabula ngomhlangano wethu nondunankulu futhi izinhlelo zethu zizowuthuthukisa umnotho uma siqhubeka nokubambisana,” kusho uKhathi.
UNkk Dube-Ncube uthe bazoyiseka iTransnet Pipelines ngoba ukuphumelela kwayo kusho ukuthuthuka komnotho.
“Siwuhulumeni oza nezisombululo ngoba siyazi izinhlelo zeTransnet Pipelines zizothuthukisa umnotho bese zidala namathuba omsebenzi. Sizosebenzisana nazo zonke izinhlaka ezithintekayo ukuqinisekisa ukuthi iKwaZulu-Natal iyadlondlobala,” kusho uNkk Dube-Ncube.
Kuzokhumbuleka ukuthi Isolezwe selike labika izikhawu eziningi ngabantu abeba uphethroli nodizili othwalwa amapayipi eTransnet Pipelines.
Amanye amasela ayaboshwa njengoba umphakathi uye ushayele amaphoyisa. AbeTransnet Pipelines bagqugquzele umphakathi ukuthi ube yiso labo. Ubike uma kukhona okusolisayo eduze kwamapayipi amakhulu.