ZIQALE phansi izigameko zokubanjwa inkunzi kwezimoto ezithwala imali, KwaZulu-Natal, njengoba sekwenzeke ezintathu esikhathini esingaphansi kwenyanga.
Esigamekweni sakamuva esenzeke emgwaqweni u-N2 ngaKwaMashu izolo ekuseni, kuthiwa abasolwa abebehamba ngezimoto ezehlukene bavulele ngenhlamvu bebhekise emotweni ethwala imali bagcina bebaleka nesamba semali engadalulwanga.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe ngesikhathi abasolwa bedubula bebhekise ngasemotweni ethwala imali, badubule nemoto ebihamba iphoyisa engamakiwe ebelidlula liya emsebenzini. Uthe iphoyisa lidubule labhekisa ngakubasolwa, lasiza ekuvimbeni nabanye abashayeli bezimoto abebesebenzisa umzila ofanayo, abebengazithola bengabagilwa bentululwane yezinhlamvu ebezindiza emoyeni zivela ohlangothini lwabasolwa.
“Izigebengu zikwazile ukuqhumisa imoto ethwala imali zabaleka nesamba semali engadalulwanga. Onogada abebegade imoto yemali baphume bengenamyocu, nakuba izigebengu zibaphuce izibhamu zabo. Kunxuswa noma ngubani ongaba nolwazi olungasiza amaphoyisa ukuze abambe abasolwa aludlulisele esiteshini samaphoyisa esiseduze, noma ashayele enombolweni ethi; 08 600 10111,” kusho uNetshiunda.
Kwenzeka lokhu nje, amaphoyisa abesanda kuthela othulini abasolwa ababili, abadutshulwe bafa, kwathi oyedwa zamkhalela enenxeba lokudutshulwa. Laba basolwa kuthiwa bebelandelwa ngecala lokubanjwa kwenkunzi imoto ethwala imali okuthiwa kwenzeke emgwaqweni u-R74 ngaseKranskop, ngoMsombuluko.
UNetshiunda uthe ngesikhathi amaphoyisa elandela umkhondo, alandele imoto ebihamba abasolwa egcine ishayisa ipali eliseceleni komgwaqo ePhoenix, emva kokuthi abasolwa bebonile ukuthi kubashele, kuthiwa baphume badubula bebhekise ngasemaphoyiseni, amaphoyisa aphendula kwashona ababili, kwathi oyedwa watholwa ebhace kwesinye isakhiwo enenxeba lokudutshulwa, kanti ungeniswe esibhedlela ngaphansi kweso lamaphoyisa.
Ngenyanga edlule, amaphoyisa adubule abasolwa abane abebefunwa ngamacala okubamba inkunzi izimoto ezithwala imali, babulawe e-Camperdown. Kukholakala ukuthi abasolwa badubula kuqala bebhekise emaphoyiseni, aphendula ngendlela efanayo.