SEKUQUBUKE omunye umdonsiswano ngomthetho wezikole i-Bela Act njengoba izinhlangano i-Solidarity ne-AfriForum zisabisa umengameli noNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo ngezomthetho uma kungukuthi abacacisi ngokuthi kuzokwenzekani ngezinye zezigatshana ezikulo mthetho.
Lezi zinhlangano zinike uMnuz Cyril Ramaphosa noNksz Siviwe Gwarube izinsuku ezingu-10, ukuze bachaze ngokuthi kungani basayina ukuthi kuqale ukusebenza kwalo mthetho, ekubeni kusenezikhalo ngezigatshana zawo.
Zithe uma behluleka ukukhipha lezo zizathu, ziya enkantolo.
Lezi zinhlangano zikhala ngokuthi uRamaphosa waphoqwa yizinhlaka okubalwa ne-ANC ukuthi asayine ukuthi uqale ukusebenza lo mthetho ekubeni wayemise ukuqala kokusebenza kwezigatshana u-4 no-5, ezikhuluma ngendaba ethinta ukwamukelwa kwabafundi nolimi lokufunda nokufundisa ezikoleni.
UMnuz Werner Human we-Solidarity, uthe bafuna kube nezingxoxo mayelana nezigatshana abangeneme ngazo kulo mthetho.
"Sifuna kube nesixazululo sangaphandle kwezinkantolo uma kungukuthi siyavumelana. Aseneme ngalezi zigatshana yingakho sifuna kuxoxwe kuqala uma kungukuthi asivumelani bese sidlulela phambili silandele umgudu wezomthetho.“
Isikhulu esiphezulu se-AfriForum uMnuz Kallie Kriel, sithe uRamaphosa ufakwe ingcindezi yi-Cosatu nezinye izinhlaka ukuthi asayine ukuze kuqale ukusebenza komthetho.
UKriel uthe bekungamele ukuthi kusayinwe ukuthi uqale ukusebenza ngoba kusamele kwakhiwe imigomo ethinta ukusebenza kwawo.
Le migomo kulindeleke ukuthi ikhishwe kule nyanga ukuze kuxoxwe ngayo ezinhlakeni zezemfundo.
“Yingakho sithi bekungamele uqale ukusebenza ngaphandle kwale migomo okusazoxoxwa ngayo.”
URamaphosa wasayina ngoSepthemba nyakenye ukuthi ibe semthethweni iBela. NgoDisemba ube esesayina ukuthi iqale ukusebenza ngokugcwele, kuhlanganisa nezigatshana okunomsindo ngazo.
UNksz Gwarube ekhuluma ne-eNCA, uthe usazowafunda amaphepha afakwe yilezi zinhlangano.
Uthe umthetho usuyasebenza wathi okubalulekile ngukuthi kuqhutshekelwe phambili kubanjiswane.
Okhulumela uRamaphosa uMnuz Vincent Magwenya, phambilini wathi ngaphambi kokusayinwa komthetho umengameli waxhumana nabeluleki bakhe ngezinto eziningi eziwuthintayo.
I-Cosatu igxeke lezi zinhlangano yathi zimosha isikhathi ngokulokhu zifuna ukuya ezinkantolo ngoba izigungu ezilawula izikole zisenamandla.
Lo mfelamdawonye uthe izikole yizona ezizoqhubeka nokwakha imigomo mayelana nolimi olusetshenziswa kuleso sikole.
“Asifuni kuncishwe abafundi ithuba ngoba bengalukhulumi ulimi oluthile ekubeni behlala endaweni,” kusho i-Cosatu.