‘UBUBHOKLOLO sebuyaqonga ezikoleni yize kubangela ukuthi abanye abafundi bangathandi ukuya kofunda, abanye bagcine ngokuzibulala.’
Lokhu kushiwo uThobeka Lushozi ofunda esikoleni Ogwini High, ngesikhathi kunemashi yokuqwashisa ngokukhula kwezigameko zobubhoklolo ezikoleni ebihlelwe uphiko lwezokushushiswa koMphakathi, iNational Prosecuting Authority (NPA), ebiseThekwini ngoMgqibelo.
Le mashi iyingxenye yomkhankaso wokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, i-16 Days of Activism Against Women and Child Abuse.
UThobeka uthe into edlange kakhulu ezikoleni ukufakana ezinkundleni zezokuxhumana, akusavamile ukuthi kube izinto ezifana nokwephucana imiphako njengakuqala.
"Abanye bathatha izithombe bazifake ezinkundleni zezokuxhumana, kuhlekwe omunye umfundi aze agcine esesaba ukuya esikoleni. Abanye balwe ngoba bezibone sebefakwe ezinkundleni zokuxhumana. Siyajabula ukuthi kube nemashi enjengale lapho kufundiswa khona ngezindlela ezehlukene zokuhlukunyezwa ngobubhoklolo ngoba kungenzeka ukuthi bakhona abake bahlukunyezwa kodwa bangabika ngoba bengazi ukuthi ikhona indlela okungalungiseka ngayo," kusho yena.
IPhini likaNgqongqoshe wezoBulungiswa nokuHlunyeleliswa kweziMilo kuleli, uMnuz John Jeffrey, lithe izibalo zezingane ezihlukumezana ngobubhoklolo ezikoleni zakuleli ziyakhula.
"Lesi sihlava sidala ukuthi kube namacala afana nokubulala kanye nokuzibulala kwezingane. Uma ulandela kahle uyathola ukuthi umsusa bekuwukuhlukunyezwa ngobubhoklolo," kusho uJeffrey.
Uqhube wathi njengamanje, alikho icala elibhekene ngqo nobubhoklolo, kujwayele ukuthi kuvele ukuthi ububhoklolo ngoba sekufuneka imbangela yokuthi kwenzeke icala.
UNkk Elaine Zungu, umqondisi weNPA KwaZulu-Natal, uthe indaba yobubhoklolo akuyona into enganqotshwa ngamaphoyisa kodwa into edinga ukuthi kube nokubambisana kubo bonke abambe iqhaza ekukhulisweni kwezingane.
"Inkinga yokuhlukumeza inkinga egcwele ephakathini wethu, ngakho sidinga umphakathi wonke ukuze ilungiswe. Njengamanje ububhoklolo kujwayele ukuthi bungene ngaphansi kwamacala okushaya, namanye amacala. Kusabhekwa ukuthi umthetho wenze kanjani ukuze kube yicala lobubhoklolo," kusho yena.
UNksz Nozipho Majola weLife Line, uthe bayabizwa ezikoleni bazoluleka abafundi ngobubhoklolo.
"Uma sesenzekile isigameko sibeluleka bobabili abafundi abathintekayo oyibhoklolo nalowo ohlukunyeziwe. Ngokuvamile, ingane isuke ikhule ikubona ekhaya, noma emphakathini ephila kuwo ekwenzayo, ingakho kusuke kumele sithole umsuka," kusho uNksz Majola.